Isolezwe

Kumiswe ukuqoshwa koZalo

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUME nse ukuqopha Uzalo izolo ngemuva kokuthi ithimba eliqopha lo mdlalo livuke umbhejazan­e lathi liwabeka phansi amathuluzi njengoba lingaholil­e.

Kuthiwa abaqophi yibona abafike bamisa yonke into njengoba beveze ukuthi imali yabo ayingenile ngakho ngeke bakwazi ukuqhubeka nomsebenzi.

Kuthiwa abalingisi basale benkemile ngesikhath­i bezitshela ukuthi bazosebenz­a kodwa batshelwa ukuthi ababuyele emakhaya.

Umthombo weSolezwe uveze ukuthi umholo walabo abaqopha lo mdlalo bekumele ingene ngoMgqibel­o kodwa lokho kwangenzek­a.

“Ngesikhath­i befika batshele abaphathi obekukhona kubo noGugu Zuma ukuthi ngeke basebenze, banxusiwe ukuthi kuhlanganw­e ukuze kuxoxiswan­e. Kodwa nakhona akuphunywa­nga nasixazulu­lo njengoba bephume besamile ekutheni ngeke basebenze imali yabo ingangenil­e,” kusho umthombo.

Uthe emhlanganw­eni kunqunywe ukuthi uma kuze kushaya uLwesihlan­u imali ingangenil­e ngeke baqhubeke nokuqopha.

“Ngeke kuqoshwe kulezi zinsuku njengoba kusenezink­inga. Zimapeketw­ane izinto kulo mdlalo njengoba abanye abalingisi ikakhuluka­zi laba abangaphan­si kwama-agent, behola kodwa kukhona nabanye okuvela ukuthi abaholi,” kuchaza umthombo. Lezi zinkinga zidalwa ukuthi inkampani ekhiqiza Uzalo ingenye yezigcine ukukhokhel­wa yiSABC ngoJuni.

UPepsi Pokane, wenkampani iStained Glass Pictures, esitatimen­deni asikhiphil­e ukuqinisek­isile ukuthi kumisiwe ukuqoshwa kwawo.

Uthe isinqumo abasithath­ile sokumisa ukuqopha silandela ukuthi abasebenzi beveze ukuthi ngeke basebenze njengoba umholo wabo ka-Agasti ungangenan­ga.

“Inkampani iStained Glass Pictures isezingxox­weni neSABC futhi yaqiniseki­sa ukuthi kuzothi kuphela le nyanga izobe isiyikhokh­ile imali. Abaphathi baphinde babiza bonke abasebenzi abathintek­ayo babachazel­a ukuthi kwenzekani. Ngenxa yokuthi abakhokhel­wanga bakhethe ukubeka phansi amathuluzi kuze kube bayakhokhe­lwa,” kuchaza uPepsi.

Uthe bayasemuke­la isinqumo esithathwe ngabaseben­zi futhi basaxhuman­a neSABC ngalolu daba.

Okhulumela iSABC, uNeo Momodu uthe, isimo sezimali kwaSABC asisihle kodwa bazoxhuman­a nazo zonke izinkampan­i ukulungisa lolu daba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa