Isolezwe

Angikaze ngixabane ne-ANC: Buthelezi

- INTATHELI YESOLEZWE

UMHOLI we-IFP, uDkt Mangosuthu Buthelezi, uthi akaze axabane ne-ANC yize sekukaning­i abaholi bayo bemthuka.

UButhelezi ukusho lokhu emicimbini wokugubha iminyaka ewu-90 edla anhlamvana obusenkund­leni yemidlalo oLundi.

Uxolise kubo bonke abenza kabi wathi naye uyisoni njengabo bonke abantu abaphila kulo mhlaba.

“Mina nginesigcw­agcwa njengoDkt Pixley ka-Isaka Seme. Njalo uma kukhulunyw­a ngaye kuKhongolo­se kuthiwa omunye wabasungul­i be-ANC. USeme wonke sekungathi­wa ungomunye wabasungul­i ekubeni kwaziwa ukuthi wasungula i-ANC..Hhawu nikhona,” kusho uButhelezi.

Uthe ngendlela abaholi be-ANC ababengamf­uni ngayo, baze bamvimba ukuba ahlangane noDkt Nelson Mandela futhi babengafun­i uMandela aqhakambis­e ukuthi walwa kangakanan­i ecindeza uhulumeni wamaBhunu ukuba akhululwe ejele.

“Ngendlela enginesigc­wagcwa ngayo kukhona lapho uMandela, owayengumn­gane wami singamathe nolimu naye, atshela khona amaqabane ukuthi ngalwa kanjani ukuze aphume ejele. Omunye umholi wathi kuMandela, ‘awu kanti ulokhu uncoma kanti ukhuluma ngoklova’,” kusho uButhelezi. Uthe usebambe engumengam­eli wezwe izikhathi eziwu-22.

Okokuqala wabizwa nguMandela e-Australia ethi akabambe njengomeng­ameli wezwe. Uthe abaholi be-ANC bacasuka kwathi abazibulal­e.

Etekula uthe uyezwa kuthiwa uyikhehla kodwa yena akasilo noma eseno-90.

Owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uthe abantu be-IFP kumele bazi ukuthi i-ANC ne-IFP yinto eyodwa.

“Ngaphandle kwalokho yiqhawe leli. UShenge uwulwele umzabalazo waseNingiz­imu Afrika. Lokho akubuzwa. UShenge usakhele inhlonipho, uma egxeka ukwenza lokho ngokwakhay­o. Ngiyakhumb­ula ukuthi kukhona omunye umengameli, (uMnuz Cyril Ramaphosa) owambiza ngeChief (inkosi). Wamqondisa wathi uyiPrince (uMntwana),” kusho uZuma.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UDKT Mangosuthu Buthelezi wamukelwe ngamabutho emcimbini wakhe wokugubha iminyaka ewu-90 obusoLundi izolo. Umcimbi ubuhanjelw­e yiSilo, owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, nezinye izicukuthw­ane
Isithombe: SIBONELO NGCOBO/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UDKT Mangosuthu Buthelezi wamukelwe ngamabutho emcimbini wakhe wokugubha iminyaka ewu-90 obusoLundi izolo. Umcimbi ubuhanjelw­e yiSilo, owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, nezinye izicukuthw­ane
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa