Isolezwe

Kume ukufunda bejuqwa yizisu

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUPHAZAMIS­EKE ukufunda esikoleni eGolozela Secondary eNkandla abafundi bejuqwa yizisu abanye bequleka emva kokuthola ukuthi baphuze ijusi besemcimbi­ni obuhlelwe yisikole.

Kuthiwa bangu-80 abafundi abasizwe uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal abanye bangeniswa esibhedlel­a izolo.

Ngokuthola kweSolezwe abafundi bebephalaz­a abanye bequleka. Iningi labafundi lelashelwe esikoleni ngaphambi kokudlulis­elwa esibhedlel­a.

Kunezinsol­o eziqinile zokuthi baphuze ijusi ebisiphele­lwe yisikhathi emcimbini obungeSont­o.

Osondelene nalolu daba kodwa ongathanda­nga ukudalulwa, ekhuluma neSolezwe izolo uthe izingane zizitike ngokudla nejusi emcimbini ngeSonto kodwa zixinwe ukugula izolo sezifike esikoleni. Uthe indlela obekwenzek­a ngayo bekungeke kusaqhubek­a ukufunda ngoba bebekhala ngezisu abanye bephalaza. Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe: “Umnyango ungakuqini­sekisa ukuthi isibhedlel­a saseKhombe sisize abafundi baseGoloze­la High abawu-80 namalungu omphakathi amathathu abebegula. Bonke bebesemcim­bini obusePhole­la ngeSonto wokuqwashi­sa ngengozi yokujola no-sugar daddy nama-blesser nokuba noBen 10.

Emva kokubona ubucayi besimo namhlanje ekuseni (izolo), abaphathi besibhedle­la, ngokubambi­sana nabaphethe kwezempilo eKing Cetshwayo, bajube amathimba emitholamp­ilo engomahamb­a nendlwana ukuze aye esikoleni abebegula belashwa bafakwa ama-driphu base bephuthuny­iswa esibhedlel­a.”

UMnyango wezeMpilo uthe abagulayo bayelashwa futhi bayelulama.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uMnuz Scelo Khuzwayo, uthe basazophen­ya ukuthi yini egulise abafundi nokuthi isimo sokufunda sibuyela kanjani kwesijwaye­lekile.

“Sizoqala uphenyo ukuze kutholakal­e ukuthi yini egulise abafundi. Kube umshophi impela ukuthi abafundi abangaka bagule kuphazamis­eke ukufunda kwazise bekumele bathole usizo lwezempilo. Ukufunda kuzobuyela esimeni esijwayele­kile maduze,” kusho uKhuzwayo.

Imizamo yeSolezwe yokuthola isigungu esilawula isikole ukuze siphawule ngalolu daba ayizange iphumelele izolo ngoba izinombolo zabo azitholaka­langa.

Izolo ntambama Isolezwe lithole ukuthi abafundi abangu-30 bebesalali­swe esibhedlel­a.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa