Isolezwe

‘Ushintsho kuMthethos­isekelo akumele lusabise abatshalim­ali’

-

ezophela kusasa, eThekwini.

UNkk Kubayi-Ngubane uthe imithetho yaphambili­ni beyibhekel­ela idlanzana, okwenziway­o manje njengoba kuchitshiy­elwa umthetho ukuvulela ukuthi bonke abantu baseNingiz­imu Afrika babeke uvo lwabo.

“Asikho isidingo sokuthi lolu daba luze lubikelwe abatshalim­ali lwenziwe ihaba kube sengathi kukhona okungekho emthethwen­i okwenziway­o. Lolu daba lusingethw­e yiPhalamen­de ngoba lusemtheth­weni futhi akekho umlimi ozophucwa umhlaba wakhe ngokungemt­hetho,” kusho yena.

UNkk Kubayi-Ngubane usho lokhu ngemuva kokubuzwa ukuthi ngabe ukungasuku­mi kahle kohlelo lokukhiqiz­a kusetshenz­iswa i-biotechnol­ogy kuleli ngabe kwenziwa ukuthi abatshalim­ali bamanqikan­qika yini ikakhuluka­zi emkhakheni wezolimo.

UMnuz Nhlanhla Sibisi weBio Africa uthe ngokubona kwakhe iNingizimu Afrika yenza kahle kulo mkhakha uma kubhekwa ukuthi iqalwe ukusetshen­ziswa eminyakeni engu-30 eyedlule.

“Akumele siziqhatha­nise namazwe aseneminya­ka engaphezul­u kuka-100 esebenzisa i-biotechnol­ogy. Ngokwezing­a lethu senza kahle. Umkhakha wezolimo unezinhlan­ga ezehlukene, imbewu ekhiqizwe e-laboratory, eyaziwa ngegenetic­ally modified (GMO) esiza ukubhekana nesimo sezulu esishintsh­ashintshay­o,” kusho uSibisi.

UDkt Jaleh Daie we-Aurora Equity ne-Agfood Tech ese-USA, uthe ngokubona kwakhe uma kungaqinis­wa ekufundisw­eni izingane ngebhizini­si zisezincan­e, lokhu kungavala igebe elikhona phakathi kosomabhiz­inisi baseAfrika nase-USA.

Ngasohlang­othini lokuthi ngabe yini eyenza abatshalim­ali babe manqika uthe akulula ukuthi angaphendu­la ngoba abatshalim­ali banezizath­u ezingefani ngezinqumo abazithath­ayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa