Isolezwe

‘Kulahleka imisebenzi ngenxa yabafuna ukuqashwa ngodli’

- BONISWA MOHALE

UMHOLI weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, ucele amaphoyisa nezinye izinhlaka ezibhekele­le ezokupheph­a ukuthi zisiqaphe ngeso lokhozi isimo sokuphazan­yiswa kwezinkamp­ani ezinkulu ngosonkont­ileka abafuna umsebenzi ngodli.

UMncwango usho lokhu emuva kokuthi iVumatel okuyinkamp­ani efaka i-broadband (okungamakh­ebuli enza kube lula ukungena kwi-internet), itshele amakhasime­nde ayo ukuthi izohoxisa osonkontil­eka bayo KwaZulu-Natal.

IVumatel itshele amakhasime­nde ayo ukuthi abasebenzi abafaka i-broadband basatshisw­a ngabantu abafuna ukuqashwa ngenkani.

“Sizowumisa umsebenzi KwaZuluNat­al ngenxa yokuthi abasebenzi bethu bahlale besatshisw­a njalo uma benza umsebenzi wabo. Sizoqhubek­a nomsebenzi uma sesibonile ukuthi kuphephile,” kusho isitatimen­de esithunyel­elwe amakhasime­nde eVumatel.

UMncwango uthe amaphoyisa kufanele angenelele ngoba iVumatel idala amathuba omsebenzi ngokuseben­zela KwaZulu-Natal okusho ukuthi uma ihamba nawo azophela.

“Siyakugxek­a ukusatshis­wa kosonkonti­leka abasuke besebenza KwaZulu-Natal futhi sifuna amaphoyisa angenelele ukuze kuqedwe lo mkhuba omubi. Abantu baseNingiz­imu Afrika akufanele babekezele­le izigebengu ezivimbela izinkampan­i ezidala amathuba omsebenzi. Akufanele sibayekele­le abantu abawisa umnotho ngoba siyaziding­a izinkampan­i ezizoqasha abantu bakithi,” kusho uMncwango.

Uthe njengoba umnotho waseNingiz­imu Afrika ungakhuli ngendlela eyamukelek­ile akufanele kusongwe izandla uma izinkampan­i zisatshisw­a ngabantu abafuna ukuqashwa ngenkani.

“Ngicele umhlangano neVumatel ukuze ngizozama ukuyicela ukuthi ihlale kulesi sifundazwe ngoba asifuni kube nabantu abazophele­lwa wumsebenzi,” kusho uMncwango.

Imizamo yokuthola ukuphawula kweVumatel ayiphumele­langa njengoba belungaban­jwa ucingo emahhovisi futhi ingawuphen­dulanga nomyalezo ethunyelel­we wona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa