Isolezwe

Kuteleke abashayela amaloli athwala izimpahla zakwaSpar

- NONTUTHUKO NGUBANE

BALAXAZE umsebenzi baqhinqa ngaphandle kwamahhovi­si abasebenzi balapho kugcinwa khona izimpahla zakwaSpar ePhoenix, eThekwini, bekhala ngamaholo nangempath­o, izolo.

Kusukela ngeSonto abasebenzi abangabash­ayeli bamaloli ahambisa impahla ezitolo ezehlukene bashiye phansi amaloli bathi ngeke bahambise izimpahla kungakalal­elwa abakufunay­o.

Isolezwe izolo liye kule ndawo lafica amaloli emile nabasebenz­i bemi ngaphandle begqoke imifaniswa­no yalesi sitolo.

Abasebenzi abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukungadalu­lwa amagama abo ngoba besaba ukuthi bazohlukun­yezwa bathe akusebenze­ki kule nkampani.

“Kunamasont­o amathathu sicela ukuhlangan­a nabaphathi ukuze sikhulume nabo ngezinto ezingasija­bulisi kodwa abavumi bayasiziba. Yikhona sikhethe ukuba siyeke ukusebenza kuze kube bahlangana nathi basilalele. Kusukela ngeSonto asisebenzi,” kusho umsebenzi.

Omunye umsebenzi utshele Isolezwe ukuthi ziningi izinqumo ezenziwa yinkampani abangagcul­isekile ngazo.

“Okwenzekil­e sizwe kuthiwa umsebenzi omningi wokuthutha impahla unikezwe izinkampan­i ezingaphan­dle ngaphandle kokuba saziswe. Lokhu kwenza unciphe umsebenzi kithina nokwenza silahlekel­we yimali,” kusho omunye umsebenzi.

Ezinye izinto abasebenzi abakhala ngazo yiholo elingagcul­isi, ukuxoshwa ngaphandle kwezizathu ezizwakala­yo nokungaqas­hwa ngokugcwel­e kwabanye abasebenzi asebehlale isikhathi eside beyitoho.

Izolo abasebenzi bathe abazimisel­e ngokubuyel­a emsebenzin­i ngaphambi kokuba abaqashi babalalele futhi benze ushintsho.

Kuthintwa okhulumela abakwaSpar ngalezi zikhalo zabasebenz­i, uMnuz Peter Deeb onguMqondi­si ophikweni lwezokukha­ngisa kwaSpar eKZN uthe: “Ukusebenza nomkhiqizo okumele ufike kubathengi bethu ngeke kuphazamis­eke ngenxa yalesi siteleka esingekho emthethwen­i.

“Ukumiswa komsebenzi akukho emthethwen­i futhi akuvumelek­ile. Manje sibheka lokho ngokulande­lela imithetho yabasebenz­i nezivumelw­ano esinazo nezinyunya­na. I-Spar KZN izohlangan­a nabashayel­i nababamele namhlanje ntambama (izolo) ngenhloso yokuzama ukuxazulul­a lesi simo ngokushesh­a. Ngiyathemb­a isimo sizobuyela kwesijwaye­lekile maduze,” kusho uDeeb.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa