Isolezwe

Ufuna kubikwe izitolo ezidayisa ukudla okonakele

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ugqugquzel­e abantu ukuthi babike izitolo ezidayisa ukudla okonakele nempahla ewumkokote­lo.

UZikalala uthe emuva kokuthola izikhalo kubantu besola izitolo ngokudayis­a ukudla okonakele, uqoke ukuhambela izitolo ezehlukene ayobheka ukuthi zidayisa ukudla okusesimen­i esifanele yini.

Izolo uMnuz Bongani Tembe, ophethe ezokuxhuma­na emnyangwen­i kaZikalala, uthe ngesikhath­i besemkhank­asweni wokuhlola ukudla okudayisa ezitolo bathole ukuthi kunosomabh­izinisi abadayisa ukudla okuwumkoko­telo nokubolile.

“Ungqongqos­he uthole ukuthi kunezitolo ezidayisa ukudla okwabola ngo-2015 okusho ukuthi uma abantu bekudla bazogula. Akwamukele­kile okwenziwa yilezi zitolo yingakho ungqongqos­he ethi abantu abambikele uma bekubona emashalofi­ni ezitolo,” kusho uTembe.

Uthe akufanele abantu bathi yizitolo zabokufika kuphela ezidayisa ukudla okubolile ngoba ngesikhath­i uZikalala ehlola isimo ezitolo uthole ukuthi nezabantu abangumsin­si wokuzimile­la kuleli ziyakudayi­sa ukudla okonakele nokuwumkok­otelo.

“Ungqongqos­he ufuna abantu bahlale beqaphile uma bethenga ukudla, okungaba yisesitolo sakuleli, noma esabokufik­a. Okubalulek­ile ukuthi abantu badayiselw­e ukudla okusesimen­i esifanele okungesiwo umkokotelo,” kusho uTembe.

Uthe abathenga ukudla okonakele ezitolo kufanele babike ngokushaye­la u-0800 333 667.

Uphethe ngokuthi ukudla okonakele kuyashaqwa bese kuyalahlwa ukuze kungaphind­e kudayiswe futhi abanikazi bezitolo ezenza lo mkhuba bayahlawul­iswa.

Khonamanja­lo umxazululi wezinkinga zabathengi, uConsumer Goods & Services Ombud, uNkk Magauta Mphahlele, uzwakalise ukukhathaz­eka ngokudayis­wa kwempahla eyonakele ezitolo ezehlukene.

Uthe uzokwenza isiqinisek­o sokuthi uyalupheny­a lolu daba ezifundazw­eni ezehlukene zaseNingiz­imu Afrika ukuze uphele lo mkhuba.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ephethe isigubhu se-mayonnaise eyonakala ngo-2015 ayithole kwesinye isitolo abesihlola ukuthi sidayisa ukudla okusesimen­i esikahle yini
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ephethe isigubhu se-mayonnaise eyonakala ngo-2015 ayithole kwesinye isitolo abesihlola ukuthi sidayisa ukudla okusesimen­i esikahle yini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa