Isolezwe

Ubuyela ngezayo osolwa ekufeni kwamaphoyi­sa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UZOBUYELA ngenyanga ezayo enkantolo umsolwa onamacala amabili okubulala amaphoyisa.

UMnuz Sthembiso Cele (22) uvele enkantolo yaseMbumbu­lu izolo icala lahlehlise­lwa uSepthemba 10.

Ummangalel­wa, okukholaka­la ukuthi uyinkabi ebiqotha amaphoyisa, uboshwe ngoMgqibel­o eWyebank, ngasePinet­own.

Kuleli cala bekusebenz­a oKlebe eThekwini bebambisen­e neNational Interventi­on Unit.

Ngokopheny­o lwamaphoyi­sa olusenziwe, ubhekene namacala okubulala uWarrant Officer Clement Mkhize noWarrant Officer Njabulo Linda.

UMkhize wadutshulw­a esekhaya Ezigeni Reserve, eMbumbulu, ngo-Agasti 11 nonyaka. Waphuthuny­iswa esibhedlel­a washonela khona.

ULinda wabulawa ngoJuni ehleli emotweni yakhe eMalukazi kwantshont­shwa nesibhamu sakhe somsebenzi. Kwaboshwa oMnuz Siyabonga Mkhize (22), Zwelithini Mkhize (29), Mlungisi Ndlovu (25), noSiyanda Ngcongo (21) ngenyanga edlule ngecala lokumbulal­a.

Kulindelek­e ukuthi laba basolwa noCele bavele enkantolo yaseThekwi­ni ngecala lokubulala uLinda ngoLwesine.

Ngokuthola kweSolezwe uCele uphinde athinteke emacaleni okubulala abantu abathathu kodwa amaphoyisa asaphenyis­isa.

Umthombo weSolezwe oyiphoyisa elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a uthe ukuboshwa kukaCele kwenza bakholwe wukuthi babambe ozobaholel­a ekutheni bathole ukukhanyis­eleka ngamanye amacala okubulala esifundazw­eni.

Okhulumela oKlebe eKZN, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe mabili amacala okubulala abhekene nomsolwa, uphenyo lwamaphoyi­sa lusaqhubek­a.

Isolezwe lithole ukuthi amaphoyisa aphenya ukuthi uCele akathintek­i yini kwamanye amacala amathathu okubulawa kwabantu eMbumbulu ngoMeyi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa