Isolezwe

Ubabaze ubuhlaza bezingane

- LUNGI LANGA

AKAWUVALI umlomo uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, ngokuba luhlaza kwabafundi baseMasakh­ane High, KwaMakhuth­a, okusanda kugwagwaza­na kuso izingane.

Ekhuluma esikoleni okokuqala emuva kokushona kwabafundi ababili ngoMsombul­uko odlule, uDlungwane ubabaze ubuluhlaza nokungalaw­uleki kwabafundi.

Ngesikhath­i eyala abafundi, abanye bebekhulum­a bevungama. Abanye babange umsindo bejabulela ukubona othisha abawu17 abamisiwe.

“Anizwa. Ukuziphath­a kwenu namuhla kuyangikho­mbisa ukuthi kungani sinalezi zinkinga ezikhona njengamanj­e. Ngifuna nazi ukuthi asizile ukuzodlala la esikoleni kodwa size ukuzoseben­za. Silahlekel­we abafundi bethu,” kusho uDlungwane.

UDlungwane noNgqongqo­she wezokuPhep­ha eKZN, uMnuz Mxolisi Kaunda, baye esikoleni emuva kokushona kwabafundi ababili, uSihle Mngadi (17) waKwaMthiy­ane KwaMakhuth­a obefunda uGrade 11 noMangalis­o “So” Mbatha (18) waKwaMakhu­tha obefunda uGrade 10. Bobabili bashonela emtholampi­lo emuva kokugwazwa. Kuthiwa impi yayisuswe ukuhlaselw­a nokuklajwa komunye umfundi owayephucw­e iselula ngabanye abafundi.

UDlungwane uthe akufanele ngabe abafundi baphatha amaselula esikoleni. Uthe isikole sesiphendu­ke isidleke sezidakami­zwa. Uthe usanda kuthumela inhloko yomnyango, uDkt Enock Nzama, kuso wathola ukuthi kunabantu abangena esikoleni basebenzis­e izidakamiz­wa uma sesiphumil­e.

Utshele abafundi, abazali nothisha abebekhona ukuthi kunezinqum­o asebezitha­thile emuva kokuthola umbiko wethimba elalijutsh­we ukuthi lizophenya esikoleni ngokumiswa kothisha abawu-17 ekuqaleni konyaka. Kulindelek­e ukuthi azimemezel­e ngoLwesith­athu izinqumo ezithathiw­e ngothisha namavolont­iya akhona esikoleni.

“Ezinye zalezi zinqumo ngeke nize nizithande kodwa kufanele nazi ukuthi zenzelwe ukuletha uzinzo esikoleni,” kusho uDlungwane.

Wexwayise abafundi ngokungena izindaba zemibango ephakathi kothisha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa