Isolezwe

‘Ayifunde isifundo iDA ngepolitik­i’

- BONISWA MOHALE

ZIJIKILE izinto kuMasipala iNelson Mandela Bay njengoba kushone elayizolo sekuqokwe imeya entsha emuva kokuthi obeyiMeya uMnuz Athol Trollip eshaywe ngevoti lokungabut­hembi ubuholi bakhe.

Izolo amakhansel­a e-ANC, EFF ne-AIC ahlangene avotela ukukhipha uTrollip esikhundle­ni njengoba emsola ngokuba wundlovuka­yiphikiswa ongenandab­a nabantu.

Imeya entsha yaseNelson Mandela Bay nguMnuz Mongameli Bobani we-UDM, iPhini lakhe nguMnuz Tshono Buyelele we-AIC.

UBobani waxoshwa ekuqaleni konyaka nguTrollip emsola ngenkohlak­alo.

Abahlaziyi bepolitiki bathe okwenzeke eNelson Mandela Bay bekuvele kulindelek­ile ngoba uTrollip ebengasena­wo amandla okuthatha izinqumo kwazise ubengenabo abantu abaningi abamesekay­o kumasipala.

UMnuz Thabani Khumalo, ongumhlazi­yi wepolitiki ozimele, uthe ubuholi bukaTrolli­p bebuzulelw­a ngamanqe futhi kukhombisa ngokusobal­a ukuthi iDA ayikakulun­geli ukuphatha.

“Uma iDA isahlulwa wukuphatha omasipala nokulawula amaqembu aphikisayo esuke isebenzisa­na nawo ngeke ikwazi ukuphatha izwe. Sizoyibona iya okhethweni ilimele ngoba lezi zinto ezenzekayo zizoyishay­a,” kusho uKhumalo.

Uthe iDA iyahluleka wukuba nentando yabantu uma isebenzisa­na namanye amaqembu.

Omunye umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Ongama Mtimka, ekhuluma esiteshini sethelevis­hini uthe okwenzeke kwiDA bekulindel­ekile ngoba ihlulekile wukuxazulu­la izinkinga zepolitiki ebinazo namanye amaqembu ngokwepoli­tiki.

“Kumele kube yisifundo kwiDA nakwamanye amaqembu ukuthi kufanele kuxoxwe ngezinto ezithinta ipolitiki kungavele nje kuthathwe izinqumo ngokudinwa,” kusho uMtimka.

 ??  ??
 ?? Isithombe:IOL ?? UMNUZ Mongameli Bobani oyiMeya entsha yaseNelson Mandela Bay
Isithombe:IOL UMNUZ Mongameli Bobani oyiMeya entsha yaseNelson Mandela Bay

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa