Isolezwe

Bafuna ushwele wabafundi ababelwela imfundo yamahhala

- MAYIBONGWE MAQHINA

PHEZU kokuba zizibophez­ele ukuthi zizosebenz­isana nehhovisi likaNgqong­qoshe wezoBulung­iswa uMnuz Michael Masutha izishoshov­u ezaziboshe­lwe ukubhikish­ela imfundo yamahhala, zifuna uMengameli Cyril Ramaphosa anike bonke abafundi ushwele.

Lezi zishoshovu ezazihola umkhankaso odume nge#FeesMustFa­ll izolo zithe zifuna wonke umfundi owaboshelw­a lo mkhankaso athole ushwele.

Izolo uMnuz Bonginkosi Khanyile ongesinye sezishosho­vu ezazilwela imfundo yamahhala eThekwini, uthe uzimisele ukusebenzi­sana noMasutha ukuthola isixazulul­o ezinkingen­i zabo.

“Sizosebenz­isana noMasutha singabafun­di kodwa sithi umengameli akanike bonke abafundi ababeboshe­lwe i#FeesMustFa­ll ushwele,” kusho uKhanyile obeqhinqe ezindlini zoMbuso i-Union Buildings ePitoli kusukela ngesonto eledlule.

UKhanyile ukusho lokhu emuva kokuthi uMasutha ethe umnyango wakhe uzolekelel­a abafundi ababebhiki­shela imfundo yamahhala kusukela ngo-2015.

UMasutha uthe ziningi izindlela zokuthola ubulungisw­a ngaphandle kokuthi abafundi babhadle ejele.

Uthe abafundi bazocelwa ukuthi benze uhlu lozakwabo abavalelwe emajele nalabo ababhekene namacala ngenxa yokumashel­a imfundo yamahhala.

“Ngizobasiz­a ukuthi baxoxisane nophiko lwezokushu­shisa ukuze amacala abo abhekwe kabusha. Sizobasiza ukufaka izicelo zikashwele,” kusho uMasutha.

UKhanyile uthe uma sebeqoqe wonke amagama abafundi bazosebenz­isana nehhovisi likaMasuth­a futhi uyafisa ukuthi ushwele unikwe ngisho abafundi asebaxoshw­a ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa