Mayiqale ekhaya eyokuhlonishwa kwabesifazane
NGO-AGASTI kunenqwaba yemigubho yabesifazane lapho bebungazwa ngemisebenzi yabo futhi kuba nezigcawu behlomisana ngolwazi.
Ngalesi sikhathi kuphinde kukhulunywe ngezinselelo abesifazane abasabhekene nazo njengokucwaswa ngenxa yobulili, udlame nokuhlukunyezwa kwabo, izinkolelo namasiko abacindizelayo.
Ezinye izinkolelo abasanazo abathile ngowesifazane ukuthi akanazwi futhi akanalungelo lokuphatha amadoda ngisho angakwazi kangakanani ukwenza umsebenzi.
Abanale nkolelo imvamisa bakuthatha endleleni abakhuliswe ngayo.
Yize sekukhathulwe indima enkulu ekulweleni amalungelo abesifazane eNingizimu Afrika kodwa nango-2018 zisekhona izingane ezifundiswa ukuthi zingamhloniphi umuntu wesifazane.
Lokhu kubonakele eCabangokuhle High eMsinga, izingane zikaGrade 10 no-11 zikhala ngokufeyiliswa ngothisha.
Kuthiwa zikhale ngeSA-SAMS, okuwuhlelo okufakwa kulo imininingwane yomfundi okubalwa namamaki onyaka wonke.
Kufike umhloli kulesi sikole ezochaza ukuthi uhlelo lusebenza kanjani kodwa abafundi bamxosha bethi ngeke bamlalele umuntu wesifazane.
Kuyashaqisa ukuthi ngo-2018 kunomfundi okhuluma kanjena ngoba kufanele ukuthi lona ngumuntu ozalwe sekuvele kukhulunywa ulimi lokuthi abesifazane bayalingana namadoda.
Kodwa inkulumo yabo ikhombisa ukuthi emakhaya nasemiphakathini abakhulela kuyo kukhulunywa olunye ulimi.
Ukuba khona komthetho obhaliwe akusho lutho kodwa indaba idinga kakhulu ukuthi leli vangeli lishunyayelwe emakhaya.
Yinto efananayo ngodlame olubhekiswe kwabesifazane, imfundiso kufanele iqale ekhaya, emiphakathini nasezikoleni.
Bekufanele umhloli oxoshiwe aphindele kulesi sikole ephelezelwa ngamaphoyisa aqhubeke enze umsebenzi wakhe ngoba kufanele laba bafundi bakujwayele futhi bakwamukele ukuthi eNingizimu Afrika abantu besifazane banezwi, futhi bayaphatha. Bayingozi emphakathini uma beyekwa bekhula nale nkolelo yabo.