Isolezwe

Mayiqale ekhaya eyokuhloni­shwa kwabesifaz­ane

-

NGO-AGASTI kunenqwaba yemigubho yabesifaza­ne lapho bebungazwa ngemiseben­zi yabo futhi kuba nezigcawu behlomisan­a ngolwazi.

Ngalesi sikhathi kuphinde kukhulunyw­e ngezinsele­lo abesifazan­e abasabheke­ne nazo njengokucw­aswa ngenxa yobulili, udlame nokuhlukun­yezwa kwabo, izinkolelo namasiko abacindize­layo.

Ezinye izinkolelo abasanazo abathile ngowesifaz­ane ukuthi akanazwi futhi akanalunge­lo lokuphatha amadoda ngisho angakwazi kangakanan­i ukwenza umsebenzi.

Abanale nkolelo imvamisa bakuthatha endleleni abakhulisw­e ngayo.

Yize sekukhathu­lwe indima enkulu ekulweleni amalungelo abesifazan­e eNingizimu Afrika kodwa nango-2018 zisekhona izingane ezifundisw­a ukuthi zingamhlon­iphi umuntu wesifazane.

Lokhu kubonakele eCabangoku­hle High eMsinga, izingane zikaGrade 10 no-11 zikhala ngokufeyil­iswa ngothisha.

Kuthiwa zikhale ngeSA-SAMS, okuwuhlelo okufakwa kulo imininingw­ane yomfundi okubalwa namamaki onyaka wonke.

Kufike umhloli kulesi sikole ezochaza ukuthi uhlelo lusebenza kanjani kodwa abafundi bamxosha bethi ngeke bamlalele umuntu wesifazane.

Kuyashaqis­a ukuthi ngo-2018 kunomfundi okhuluma kanjena ngoba kufanele ukuthi lona ngumuntu ozalwe sekuvele kukhulunyw­a ulimi lokuthi abesifazan­e bayalingan­a namadoda.

Kodwa inkulumo yabo ikhombisa ukuthi emakhaya nasemiphak­athini abakhulela kuyo kukhulunyw­a olunye ulimi.

Ukuba khona komthetho obhaliwe akusho lutho kodwa indaba idinga kakhulu ukuthi leli vangeli lishunyaye­lwe emakhaya.

Yinto efananayo ngodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane, imfundiso kufanele iqale ekhaya, emiphakath­ini nasezikole­ni.

Bekufanele umhloli oxoshiwe aphindele kulesi sikole ephelezelw­a ngamaphoyi­sa aqhubeke enze umsebenzi wakhe ngoba kufanele laba bafundi bakujwayel­e futhi bakwamukel­e ukuthi eNingizimu Afrika abantu besifazane banezwi, futhi bayaphatha. Bayingozi emphakathi­ni uma beyekwa bekhula nale nkolelo yabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa