Isolezwe

Uyobongwa nini uNandi ngokusizal­ela iLembe?

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

SESIYIPHET­HA le nyanga ngicela ukukhuluma ngenzalamb­umbi wesizwe samaZulu, iNdlovukaz­i uNandi. Abangalith­andi leli gama sicela behlele ngenzansi. Umlando awuyi ngentando yomuntu. Kwakumele iNgonyama uShaka izaleke ngendlela eyazaleka ngayo. Wonke amaqhawe azaleka ngaleya ndlela. Buza amaJuda ngoJesu. Buza abeLungu ngoJulius Caesar. NakuNandi akuphuthe nduku ehawini. Nanamhlanj­e uMariya uyaziswa embusweni nasenkolwe­ni yamaKrestu. Yithina kuphela esingamazi­si uNandi njengeNdlo­vukazi neNzalasiz­we.

Ukuba siyamazisa ngabe itshe lakhe lisamile. Siyabonga Solwazi Mathenjwa awusolwazi ngamanga. Sibonga nakuPhili ngokuphaka­ma bazame imizamo yokumisa itshe edlinzeni leNdlovuka­zi. Kwaqhamuka mlungu thizeni walibhidli­za. Lathula izwe. Sathula nesizwe esizalwa yileyo Ndlovukazi.

Le Ndlovukazi yasizalela iqhawe. Yalikhulis­a ilibambe ngamazinyo. Yalifundis­a ukuphikele­la. Leli qhawekazi lawa livuka neLembe laze lahlala esihlalwen­i sobukhosi. Noma langena ngendlovu iyangena vele lalizaleke kanjalo. Esikubonga kakhulu la umama ongayilahl­i ingane yakhe. Sibonga umama okhulisa indoda. Bonke abaholi abavelele banawonina abalwayo. Ezibongwen­i zaleli qhawekazi kunomugqa othi: “UMathanga kawahlanga­ni, ahlangana ngokubona umyeni”. Loku kuchaza ukuphikele­la eyayinako le Ndlovukazi.

Kule Ndlovukazi sifunda ukuthi owesifazan­e kumele abekezele. Kumele avikele izingane zakhe njengesikh­ukhukazi sikhusela amatshwele aso. Kumele awalwele amalungelo akhe. Namanje le Ndlovukazi ayithandwa ngabaningi. Ize ibe yiqaqa nakwabakub­o. Umuntu onjani ozondwa ngisho esaziphumu­lela? Siyoyibong­a nini isizwe le Ndlovukazi ngokusizal­ela iLembe? Siyosuka nini isiqalekis­o phezu kwayo? Siqaphele ukuthi ngaleso sikhathi iNdlovukaz­i yayiyingan­e. Ayilalanga yodwa. Kuyoqaleki­swa abesifazan­e abazalele ekhaya kuyoze kube nini?

Ngiyafisa ilungiswe indaba yokuzalela ekhaya. Amantombaz­ane akwenza emancane loku. Sengathi angathi uma esekhulile axolise kubazali. Nabazali kumele balwemukel­e uxolo lwawo. Uma kunokwenze­ka kungachith­wa negazi kuxoliswe nakwabalel­e. Loku kubambelan­a amagqubu kulimaza isizwe sonke. Nathi siphila ngaphansi kwaleso siqalekiso sokubanjel­wa kwale Ndlovukazi igqubu. Sicela abakwaMhlo­ngo bayixolele, lixhoshwa libhekile. Asingeni ezindabeni zakwaMhlon­go kepha njengoba kuzalwa iLembe khona siyathinte­ka. Sicela balubuke ngenye indlela lolu daba. Njengesizw­e siyasiding­a isibusiso seLembe nesikanina.

Umlando uveza ukuthi iLembe lalimthand­a ngaphezu kokwenza unina. Kwasuka esinamatha­mbo ngamsukwan­e ekhotheme. Kwaziliswa ngisho inja imbala. Mhlawumbe iLembe lingaxola uma kuxolelwa unina. Lalimthand­a kufanele. Wawa evuka nalo laze lahlala esihlalwen­i. Unesandla esikhulu ekubuseni kwalo. Lowo mbuso-ke ungowethu sonke. Singena ngobuZulu obaqanjwa iNgonyama uShaka, izalwa iNdlovukaz­i uNandi. Ngeke simlahle umama wesizwe. Zimbi izingane ezilahla oninakhulu. Siqalekisi­we isizwe esingabahl­oniphi okhokho baso. Siqaphele nathi singangeni esiqalekis­weni esingenasi­dingo.

KuyisiZulu esiphelele ukuthi hlonipha uyihlo nonyoko. Inkosi uSenzangak­hona neNdlovuka­zi uNandi badala. Zimbi izingane ezingena zigamanxe ezindabeni zabantu abadala. Inkosi uJesu izalwa emlandweni lapho kwafa khona u-Uriya. Abomndeni wakhe abakaze bambalele ukuthi uzaleka kanjani. Asiyi ndawo uma sisabalela abazali bethu ukuthi basizala kanjani.

Ngiyafisa ukuba sibuyiswe isithunzi seNdlovuka­zi uNandi. Hhayi kabi, hhayi ngolaka. Ake silubhekis­ise lolu daba sibone ukuthi asiziqalek­isi yini thina ngokuqalek­isa iNdlovukaz­i. Singobani thina ukuthi singaqalek­isa abazali bethu? Sizwa kuthiwa itshe elagqebhul­wa edlinzeni leNdlovuka­zi lisekhona ndawo ndawo. Sicela libuyiselw­e laphaya edlinzeni. Kuyichilo loku. Akumele ngabe amadlinza amakhosi neziNdlovu­kazi akulesi simo akusona njengamanj­e. Ubukhosi bakithi kuphela obunganaki­we. Sicela iNhlangano Amafa, uma isekhona, ilusukumel­e lolu daba. Leliya litshe lakhiwa ngezimali zethu bakhokhi bentela. Masisukume sakhe. Uma kukhona othumekayo kuloku makazithum­e alande itshe alibeke lapho lifanele ukuba khona.

Uxolo siyoluthol­a ngokungena ngezindlov­ukazi. Yizona ezikwazi ukusondela ezimbubeni zehlise ulaka. Ngiyayitha­nda indaba kaNakanjan­i ethi “Kuxolelwa Abanjani?”

UMakhoba umbhali wa-Amagugu Esizwe, Uju Lwezizukul­wane. Ikheli lasemoyeni; makhobak@ unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa