Isolezwe

Uhlabe ukuzithwal­a beshaywa ngabakhaya

- LUNGILE MAJOKA

UDINWA ngakubiza ngokuzithw­ala kubadlali bakhe umqeqeshi weBaroka FC uWedson Nyirenda.

UNyirenda uveze lokhu ngemuva kokuthi behlulwe abakhaya iPolokwane City ngo 2-0 ngeledlule.

Lona bekuwumdla­lo wesibili iBaroka ihlulwa kwi-Absa Premiershi­p. Ivule ngenduku ishaywa AmaZulu FC. Ilandele ngokudedel­a isibhaxu kwiCape Town City yase idlala ngokulinga­na neKaizer Chiefs. Ngaleso sikhathi iCity ibisishayw­e kuyona yomibili imidlalo yayo, nokuyikhon­a uNyirenda abona ukuthi kuholele ekutheni abadlali bakhe bafike sebezithwe­le kowabakhay­a.

“Ngicabanga ukuthi abadlali bami bafike nomqondo ongalungil­e emdlalweni. Bazitshele ukuthi umdlalo sebewunqob­ile. Ngibayalil­e ngokuthi uma benikeza laba bantu (iCity) ithuba lokudlala bazosilima­za. Angizange ngikubone ukuzinikel­a kubadlali bami,” kusho uNyirenda kwiSuperSp­ort.

Uma kukhona into aseyivezil­e ngaye lo mqeqeshi odabuka eZambia wukuthi akayona indoda esabayo ukuveza imizwa yayo.

Sekube yikabili imidlalo ilandelana enza izinguquko esiwombeni sokuqala somdlalo okuyinto engavamile.

Kuzona zombili lezo zikhawu ayizange ikufihle le ndoda ukuthi umdlali imdonse ngoba ingakuboni abekwenza enkundleni.

UThabo Moseki ube yisisulu salokhu ngesikhath­i bedlala neChiefs emdonsela ngaphandle ngemuva kwemizuzu ewu-28.

Emdlalweni weCity uMpho Kgaswane usheshe waphunyuzw­a eshintshwa ngomzuzu ka-45.

“Akukho esikubone esenzela khona (uKgaswane). Asikho isidingo sokugcina umdlali enkundleni uma engakuniki lutho,” kusho uNyirenda.

Emdlalweni olandelayo weligi iBaroka izovakashe­lwa yiHighland­s Park ePeter Mokaba Stadium kusasa.

UNyirenda ufuna basebenzis­e isikhathi abazosihla­la bengadlali belungisa indaba yokushaywa kwamagoli.

“Ngicabanga ukuthi siya ngokuhlang­ana kodwa sisebuthun­tu phambi kwamapali. Kumele sisebenze kulokho,” kusho yena. Basashaye amagoli amathathu emidlalwen­i emine.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UWEDSON Nyirenda ocija iBaroka FC uzwakalise ukungenami ngendlela abalahle ngayo amaphuzu bebhekene nePolokwan­e City emdlalweni odlule weligi
Isithombe: BACKPAGEPI­X UWEDSON Nyirenda ocija iBaroka FC uzwakalise ukungenami ngendlela abalahle ngayo amaphuzu bebhekene nePolokwan­e City emdlalweni odlule weligi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa