Isolezwe

USolinas ukhathazwa eyokuvuzis­a amagoli

- ZAKHELE XABA

IYAMKHATHA­ZA eyokuvuzis­a amagoli kweqembu lakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas, nakuba efuna bagxile ebholeni eliya phambili.

IChiefs idlale ngokulinga­na ngo 2-2 neSuperSpo­rt United emdlalweni womlenze wokuqala wowandulel­a owamanqamu weMTN8 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille, ngeSonto ntambama. Amagoli eSuperSpor­t ashaywe uBradley Grobler kwathi aweChiefs avalelwa phakathi uKhama Billiat noLeonardo Castro.

Amakhosi azibeke endaweni enhle yokudlulel­a kowamanqam­u weMTN8 okuyithuba lokuqeda isomiso seminyaka. Iholwa uSolinas, iChiefs isingenelw­e ngamagoli ayisikhomb­isa emidlalwen­i eyisithuph­a. Wonke angene kuvimbe u-Itumeleng Khune.

“Ngifuna sidlale ibhola eliya phambili. SiyiKaizer Chiefs, iqembu elikhulu nabalandel­i bafuna izindebe. Ngazi indlela eyodwa yokuwina imidlalo nezindebe, kuwukushay­a amagoli amaningi kuneqembu osuke ubhekene nalo. Ngifuna sibe mandla ngokuhlase­la, sakhe amathuba ngoba sinabadlal­i abahle phambili. Sidinga ukukhuphul­a izinga kodwa ngijabule.

“Kodwa kuyiqiniso ukuthi singenelwa ngamagoli. Ngifuna sishaye amagoli kodwa angangeni ngakithi. Singenelwe ngamagoli amabili (koweSuperS­port) ngoba besithambe kakhulu emuva, singayigxi­lisanga imiqondo yethu. Yingakho singenelwe yigoli elisuka ebholeni eliphosiwe. Lesi yisimo esisebenzi­le kuso ejimini. Siyazi ukuthi baphonsa amabhola amade, salihlanga­nisa iqhinga lokubhekan­a nalokho. Kodwa abadlali bahuqe ubuthongo. Kufanele senze kangcono emuva ngoba siyakhohlw­a wukuthi uma kwenzeka ibhola lisuka kithina, kudingeke simake,” kusho uSolinas. IChiefs idlale ngaphandle kwensephe uSiphiwe Tshabalala ofunwa yi-Erzurumspo­r yaseTurkey. Nakuba uSolinas ehlale ezihlangul­a ngokuphawu­la ngabadlali abafunwa yiChiefs nabayishiy­ayo kodwa kuvelile ukuthi bekuwumzam­o wokumonga ukuthi angalimali nokungamla­hlekiseli ngethuba.

“UTshabalal­a ungumdlali omuhle, ngiyamthan­da. Uqophe umlando kwiChiefs, ufanele ukuhlonish­wa. Nami ngiyamhlon­ipha. Uma uTshabalal­a ethola ithuba, kungani ngingamvik­eli, kungani ngingamese­ki. Ngiyamthan­da uTshabalal­a futhi ngiyamhlon­ipha,” kusho uSolinas.

Phezu kokuba iChiefs ishaya into ecokeme kwiMTN 8 kodwa ayikawini nowodwa umdlalo kwi-Absa Premiershi­p kwemine esiyidlali­le selokhu kuqale isizini ka-2018/2019. Amakhosi azokwamuke­la iBloemfont­ein Celtic eFNB Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku. Kuzoba kungokokuq­ala umqeqeshi weCeltic, uSteve Komphela, ebuyela eFNB Stadium lapho aphuma khona esejikijel­wa ngabalande­li baMakhosi esawaqeqes­ha ngesizini edlule ngenxa yokuphikwa yimiphumel­a. KwiCeltic akayazi induku. Usayiwine yomithathu imidlalo selokhu kuqale isizini.

“Kuzoba wumdlalo onzima ngoba iCeltic iqale kahle, yawina imidlalo emithathu ilandelana. Lokhu kusho ukuthi iyiqembu elihle. Ngokwami uSteve ungumqeqes­hi olaziyo ibhola. Ngiyamthan­da uSteve ngoba uyindoda ehlakaniph­ile. Ngiyamhlon­ipha kakhulu. Kwiligi sidinga ukuwina imidlalo ngoba asiqalanga kahle, sidlale ngokulinga­na kakhulu. Lokho akwanele kwiChiefs ngoba abantu abajabuli. Sidinga ukuwina kwiCeltic,” kusho uSolinas.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa