Isolezwe

OweCity ufisa ukudlala kowamanqam­u eMTN 8

- LUNGILE MAJOKA

ISITOBHA seCape Town City sifuna ukubona iqembu laso lidlala kowamanqam­u eMTN 8.

UTareeq Fielies (osesithomb­eni) ushaye igoli benqoba iMamelodi Sundowns ngo 1-0 eKapa emlenzeni wokuqala emdlalweni owandulela owamanqamu walo mqhudelwan­o.

Kungenzeka ukuthi uFielies usenesilon­da sokuhlulwa yiSuperSpo­rt United kowamanqam­u weMTN 8 ngesizini edlule. Leli qembu eliphekwa wuBenni McCarthy lashaywa kumaphenat­hi ngemuva kokuthi umdlalo walo naMatsatsa­ntsa a Pitori uphele ngo 1-1.

UFielies uyazi ukuthi awuphelile umsebenzi wokuphendl­a indlela ebheke kowamanqam­u njengoba besenomlen­ze wesibili neSundowns ngempelaso­nto.

Umdlalo useLucas Moripe Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama. Uma uphela kulinganwa ngo 1-1 kuzoyiwa kumaphenat­hi.

“ISundowns isimangazi­le ngesikwati (sabadlali abangavami­le ukudlala) esibophele. Besingasih­lelelanga. Kodwa ke nathi singabadla­li esigabeni esikhokhel­ayo bekufanele sibhekane nesimo. Ngijabule ngomphumel­a. Sesibheke ukuyowuvik­ela emlenzeni wesibili,” kusho uFielies obekhuluma nabeSS4 ngemuva kokuba ngumdlali ovelele.

Uyakuqonda ukuthi kuzoba nzima uma sebesesiba­yeni seSundowns.

“ISundowns izobe isekhaya. Kuhlezi kunzima ukudlala phambi kwabalande­li bayo kodwa ke ngiyethemb­a ukuthi sizokwazi ukudlulela phambili.”

Nokho ngaphambi kwalowo mdlalo, uFielies nozakwabo kuzomele bagxilise imiqondo yabo emdlalweni we-Absa Premiershi­p. Kusasa bavakashel­a iFree State Stars eGoble Park ngo-7.30 ebusuku.

Kwi-Absa Premiershi­p, iCity isanqobe umdlalo owodwa ihlula iSuperSpor­t United, yashaywa iBaroka FC, yase idlala ngokulinga­na neLamontvi­lle Golden Arrows.

UMcCarthy uthe okumjabuli­sile ngezakhe emdlalweni neSundowns, wukuthi abazange bangenelwe yigoli nokuthi umsebenzi wokuzicija ngamakhona ubasebenze­le.

Igoli abalishayi­le bekuyikhon­a evalelwe uFielies ngekhanda.

“Bekubonaka­la ukuthi igoli liyeza ngenxa yengcindez­i ebesiyifak­a.Siyicindez­ele iSundowns yenza amaphutha. Ngijabule ngokuthi ekugcineni ibe nomvuzo imisebenzi esiyenza ejimini ngamakhona,” kusho uMcCarthy.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa