Uzishaya isifuba ngomsebenzi wakhe nethimba
UMQEQESHI wenkulisa eyaziwa ngeCom Fitness Academy ezinze eCato Ridge, ngaphandle kancane kweTheku, nethimba lakhe bazishaya isifuba ngokwenza umsebenzi ngeqiniso bengabheke dumo noma inzuzo.
Inkulisa isikhiqize umdlali osayiniswe yiParis Saint-Germain (PSG) engompetha beFrench Ligue 1 eFrance.
UMxolisi Mthembu, oqeqesha enkulisa, uthe ukusayiniswa kukaMcebisi “Sgxobo” Langa yi-PSG kumenza aziqhenye yena nethimba lakhe ngokusebenza ngeqiniso bengabheke dumo nokugqama.
ULanga (16) ongunozinti, ungowaseHammarsdale. Uzofulathela iNingizimu Afrika ngoSepthemba 3 emuva kokusayina inkontileka yamajuniya nePSG. Ufunda eSt. Juniors khona eCato Ridge.
“Siyinkulisa esindala kakhulu eqale ukusebenza ngo-2012. Sike sanqoba neCopa Coca-Cola ngo-2015. Kuningi esikwenzayo esikwenzela intsha ebholeni kodwa asifune dumo. Nani zintatheli anisinakile kodwa lokho akusidikibalisi. Unozinti wethu uLanga usezoyodlalela iPSG yaseFrance. Ngiyazi ukuthi abaningi bazozibuza ukuthi ibimbonaphi iPSG kodwa impendulo ithi wenze kahle ngesikhathi sidlala umqhudelwano iManchester Super Cup e-England eminyakeni edlule. Babe sebemumema kwinhlolokhono, okusho ukuthi bachazekile njengoba esezodlala kwiUnder 17 ye-PSG,” kusho uMthembu oveze ukuthi sebeke bazwana amandla neWest Ham yase-England neMallorca yaseSpain.
Ebuzwa ukuthi inkulisa iyithathaphi imali yokuyisa abadlali phesheya kwezilwandle, uMthembu uthe: “Abadlali bakhokha imali ewu-R5 200 ngethemu ngayinye. Kodwa abazali bayaye basilekele bafake enye imali uma kuwukuthi siya phesheya kwezilwandle”.
Uthe bathatha izingane ezisuka eminyakeni ewu-13 kuya kwewu-23. Unezezele ngokuthi abadlali babo akubona nje kuphela abaseCato Ridge kodwa basuka kuyo yonke iKwaZulu-Natal.
“Asimthathi umdlali ongafundi. Asiyisebenzi indaba yomuntu ogxile ebholeni kuphela kodwa dololo imfundo,” kunezezela uMthembu.