Isolezwe

‘I-Chiefs kumele inqobe eyeMTN 8’

- NDUDUZO DLADLA

U-POLLEN “Trompies” Ndlanya oyinkakha edlalele iKaizer Chiefs, Orlando Pirates neManning Rangers eminyakeni edlule, uthe Amakhosi kufanele anqobe isicoco seMTN 8 ukuze athumele umyalezo oshubile kwabayizim­bangi zawo ngemuva kokuthenga abadlali abasezinge­ni eliphezulu.

Abafana Bokuthula Noxolo basayine isikwibhis­i somdlali uLebogang Manyama nesitobha uMario Booysen oke wadlalela iMamelodi Sundowns. Bajoyina uKhama Billiat, Letlhogono­lo Mirwa, Virgil Vries no-Adriamirad­o “Dax” Andrianari­manana abasayine kuMakhosi ngasekuqal­eni kwesizini.

UNdlanya uncome abaphathi beqembu wathi ekugcineni sebezifund­isile ukulalela isikhalo sabalandel­i ngokutheng­a abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu. Ngokusho kukaNdlany­a sekuyisikh­athi sokuthi iChiefs ikhombise ukuthi ingobani, ngokuthi ithumele umyalezo oshubile ezimbangin­i zayo. Uthe lokhu kufanele ikwenze ngokuthi inqobe isicoco seMTN 8.

EzikaGiova­nni Solinas zizotholan­a phezulu nabavikela lesi sicoco iSuperSpor­t United emlenzeni wesibili kowandulel­a owamanqamu eFNB Stadium ngoMgqibel­o, ngo-8 ebusuku. Emlenzeni wokuqala la maqembu abambane ngo 2-2 eLucas Moripe Stadium, ngeSonto.

“Akusekho okunye iChiefs kufanele iqale ngokuthi inqobe isicoco seMTN 8 kwaphela. Akusashodi lutho phela manje, abadlali bathengiwe kanti sekufuneka­ni? Ngijabule kakhulu ngokuthi abaphathi beqembu ekugcineni sebeyabala­lela abalandeli njengoba sebethenga abadlalai abasatshwa­yo futhi abahlonish­wayo. Nokho sekuyisikh­athi sokuthi kudlalwe manje futhi kunqotshwe izicoco njengokujw­ayelekile. Sekuphele iminyaka emithathu yonke indebe ingaziwa eNaturena, konke lokho sekufanele kushintshe,” kusho uNdlanya.

Ngesikhath­i leli phephandab­a limbuza ukuthi ngabe uSolinas nguyena mqeqeshi ozokwazi ukubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena uNdlanya uthe: “Angazi kahle (ephefumule­la phezulu), umqeqeshi ukhala ngokuthi usadinga ithuba lokuhlanga­nisa, ake simbone ukuthi uphetheni. Kodwa okwamanje angikakagc­uliseki ngoba ibhola lakhe aliqondaka­li, namhlanje udlala kahle kusasa kube okunye”.

Eminye imibiko ekhishiwe ngeyokuthi uSiphiwe “Shabba” Tshabalala angase ayishiye iChiefs ayodlala eTurkey njengoba kuthiwa ufunwa yi-Erzurumspo­r yaseTurkey. UNdlanya uthe nakuba kuzoba buhlungu kubalandel­i ukushiywa uTshabalal­a uma egcina ngokuhamba kodwa uManyama uzosivala leso sikhala.

“Ngicabanga ukuthi ukufika kukaManyam­a kuzoletha olukhulu ushintsho. Ngimbona ezosivala isikhala sikaTshaba­lala. Iqiniso lithi kuningi uTshabalal­a asekwenzel­e iqembu, kusazoba nzima ukwamukela ukuthi akasekho kubalandel­i,” kusho uTrompies.

UTshabalal­a ufike kwiChiefs ngo-2007 wadlala imidlalo ewu-342, washaya amagoli angu-55. Kusasa iChiefs izobhekana neBloemfon­tein Celtic emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, ngo-7.30 ebusuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMQEQESHI weKaizer Chiefs uGiovanni Solinas akwaziwa ukuthi uzoze amdlalise nini uLebogang Manyama osanda kusayina kuleli qembu laseNature­na
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMQEQESHI weKaizer Chiefs uGiovanni Solinas akwaziwa ukuthi uzoze amdlalise nini uLebogang Manyama osanda kusayina kuleli qembu laseNature­na
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa