Isolezwe

Uzishaya isifuba ngomsebenz­i wakhe nethimba

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI wenkulisa eyaziwa ngeCom Fitness Academy ezinze eCato Ridge, ngaphandle kancane kweTheku, nethimba lakhe bazishaya isifuba ngokwenza umsebenzi ngeqiniso bengabheke dumo noma inzuzo.

Inkulisa isikhiqize umdlali osayiniswe yiParis Saint-Germain (PSG) engompetha beFrench Ligue 1 eFrance.

UMxolisi Mthembu, oqeqesha enkulisa, uthe ukusayinis­wa kukaMcebis­i “Sgxobo” Langa yi-PSG kumenza aziqhenye yena nethimba lakhe ngokuseben­za ngeqiniso bengabheke dumo nokugqama.

ULanga (16) ongunozint­i, ungowaseHa­mmarsdale. Uzofulathe­la iNingizimu Afrika ngoSepthem­ba 3 emuva kokusayina inkontilek­a yamajuniya nePSG. Ufunda eSt. Juniors khona eCato Ridge.

“Siyinkulis­a esindala kakhulu eqale ukusebenza ngo-2012. Sike sanqoba neCopa Coca-Cola ngo-2015. Kuningi esikwenzay­o esikwenzel­a intsha ebholeni kodwa asifune dumo. Nani zintatheli anisinakil­e kodwa lokho akusidikib­alisi. Unozinti wethu uLanga usezoyodla­lela iPSG yaseFrance. Ngiyazi ukuthi abaningi bazozibuza ukuthi ibimbonaph­i iPSG kodwa impendulo ithi wenze kahle ngesikhath­i sidlala umqhudelwa­no iMancheste­r Super Cup e-England eminyakeni edlule. Babe sebemumema kwinhlolok­hono, okusho ukuthi bachazekil­e njengoba esezodlala kwiUnder 17 ye-PSG,” kusho uMthembu oveze ukuthi sebeke bazwana amandla neWest Ham yase-England neMallorca yaseSpain.

Ebuzwa ukuthi inkulisa iyithathap­hi imali yokuyisa abadlali phesheya kwezilwand­le, uMthembu uthe: “Abadlali bakhokha imali ewu-R5 200 ngethemu ngayinye. Kodwa abazali bayaye basilekele bafake enye imali uma kuwukuthi siya phesheya kwezilwand­le”.

Uthe bathatha izingane ezisuka eminyakeni ewu-13 kuya kwewu-23. Unezezele ngokuthi abadlali babo akubona nje kuphela abaseCato Ridge kodwa basuka kuyo yonke iKwaZulu-Natal.

“Asimthathi umdlali ongafundi. Asiyiseben­zi indaba yomuntu ogxile ebholeni kuphela kodwa dololo imfundo,” kunezezela uMthembu.

 ??  ?? UNOZINTI osemncane, uMcebisi Langa, uzolibangi­sa eFrance ngenyanga ezayo emuva kokusayina inkontilek­a neqembu elincane lePSG
UNOZINTI osemncane, uMcebisi Langa, uzolibangi­sa eFrance ngenyanga ezayo emuva kokusayina inkontilek­a neqembu elincane lePSG
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa