Isolezwe

AbeBanyana abayibambe phesheya kwiCosafa Cup

- LUNGILE MAJOKA

LIQINISWE ngabadlali abayibamba phesheya kwezilwand­le iqembu lesizwe labesifaza­ne iBanyana Banyana elizodlala kwiCosafa Cup ngenyanga ezayo.

Izolo umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, umemezele abadlali abawu-20 azobe egadla ngabo kulo mqhudelwan­o osePort Elizabeth ngoSepthem­ba 12 kuya ku-22.

Elakuleli yilona elingompet­ha njengoba linqobe lo mqhudelwan­o nyakenye, u-Ellis wazifaka emlandweni ngokuwunqo­ba njengomdla­li nanjengomq­eqeshi.

Esikwatini asethule izolo kukhona ukaputeni uJanine van Wyk nozakwabo kwiHouston Dash yase-USA, uLinda Motlhalo noThembi Kgatlana.

UMotlhalo noKgatlana babizwa esikwatini nje ngempelaso­nto bebesemath­eni e-USA njengoba beshayele iHouston Dash amagoli emdlalweni wayo weligi ihlula iSky Blue FC ngo 6-1.

Umdlalo weqembu labo wokugcina weligi ungoSepthe­mba 8.

Abanye abadlali asebezinze phesheya abasesikwa­tini yiphini likakapute­ni uRefiloe Jane osanda kusayina neqembu lase-Australia, iCanberra nonozinti uKaylin Swart weMenlo College e-USA.

U-Ellis uthe wethemba ukuthi ukuba khona kwalaba badlali kuzolisiza iqembu. Ufuna ukusebenzi­sa iCosafa ukuzicijel­a iWomen’s Africa Cup of Nations (Afcon) engoNovemb­a.

Abadlali beDash bagcina ukuba yingxenye yeqembu ngoMashi kwiCyprus Cup.

“Yizindaba ezimnandi kithina ukuthi sizokwazi ukuthola laba badlali. Sethemba ukuthi amava abo azosilekel­ela njengoba sifuna ukwakha isisekelo esiqinile ngaphambi kwe-Afcon,” kusho u-Ellis kwiwebsite yeSafa.

Abadlali bazoqala ikhempu ePort Elizabeth ngoMsombul­uko ozayo.

Umqhudelwa­no walo nyaka we-Afcon uzobe ungowokuhl­ungela iNdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo. IBanyana ayikaze iye kwiNdebe yoMhlaba. Uma izimisele ngalokhu kumele iqede okungenani endaweni yesithathu kwi-Afcon.

Khonamanja­lo imibiko eqhamuke izolo ithe i-Afcon ngeke isaya eGhana ngemuva kokuthi kutholakal­e ukuthi leli lizwe alinazo izinkundla ezifanele.

Inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika kulindelek­e ukuthi imemezele ngenyanga ezayo izwe elisha elizoba ngosokhaya. Isikwati seBanyana: Onozinti: Kaylin Swart, Roxanne Barker, Andile Dlamini.

Emuva; Lebohang Ramalepe, Nothando Vilakazi, Janine van Wyk, Bambanani Mbane, Regina Mogolola.

Esiswini: Kgaelebane Mohlakoane, Kholosa Biyana, Refiloe Jane, Thato Letsoso, Nompumelel­o Nyandeni, Hildah Magaia, Linda Motlhalo, Thembi Kgatlana.

Phambili: Jermaine Seoposenwe, Melinda Kgadiete, Chantelle Esau, Noko Matlou.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa