‘I-Chiefs kumele inqobe eyeMTN 8’
U-POLLEN “Trompies” Ndlanya oyinkakha edlalele iKaizer Chiefs, Orlando Pirates neManning Rangers eminyakeni edlule, uthe Amakhosi kufanele anqobe isicoco seMTN 8 ukuze athumele umyalezo oshubile kwabayizimbangi zawo ngemuva kokuthenga abadlali abasezingeni eliphezulu.
Abafana Bokuthula Noxolo basayine isikwibhisi somdlali uLebogang Manyama nesitobha uMario Booysen oke wadlalela iMamelodi Sundowns. Bajoyina uKhama Billiat, Letlhogonolo Mirwa, Virgil Vries no-Adriamirado “Dax” Andrianarimanana abasayine kuMakhosi ngasekuqaleni kwesizini.
UNdlanya uncome abaphathi beqembu wathi ekugcineni sebezifundisile ukulalela isikhalo sabalandeli ngokuthenga abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Ngokusho kukaNdlanya sekuyisikhathi sokuthi iChiefs ikhombise ukuthi ingobani, ngokuthi ithumele umyalezo oshubile ezimbangini zayo. Uthe lokhu kufanele ikwenze ngokuthi inqobe isicoco seMTN 8.
EzikaGiovanni Solinas zizotholana phezulu nabavikela lesi sicoco iSuperSport United emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu eFNB Stadium ngoMgqibelo, ngo-8 ebusuku. Emlenzeni wokuqala la maqembu abambane ngo 2-2 eLucas Moripe Stadium, ngeSonto.
“Akusekho okunye iChiefs kufanele iqale ngokuthi inqobe isicoco seMTN 8 kwaphela. Akusashodi lutho phela manje, abadlali bathengiwe kanti sekufunekani? Ngijabule kakhulu ngokuthi abaphathi beqembu ekugcineni sebeyabalalela abalandeli njengoba sebethenga abadlalai abasatshwayo futhi abahlonishwayo. Nokho sekuyisikhathi sokuthi kudlalwe manje futhi kunqotshwe izicoco njengokujwayelekile. Sekuphele iminyaka emithathu yonke indebe ingaziwa eNaturena, konke lokho sekufanele kushintshe,” kusho uNdlanya.
Ngesikhathi leli phephandaba limbuza ukuthi ngabe uSolinas nguyena mqeqeshi ozokwazi ukubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena uNdlanya uthe: “Angazi kahle (ephefumulela phezulu), umqeqeshi ukhala ngokuthi usadinga ithuba lokuhlanganisa, ake simbone ukuthi uphetheni. Kodwa okwamanje angikakagculiseki ngoba ibhola lakhe aliqondakali, namhlanje udlala kahle kusasa kube okunye”.
Eminye imibiko ekhishiwe ngeyokuthi uSiphiwe “Shabba” Tshabalala angase ayishiye iChiefs ayodlala eTurkey njengoba kuthiwa ufunwa yi-Erzurumspor yaseTurkey. UNdlanya uthe nakuba kuzoba buhlungu kubalandeli ukushiywa uTshabalala uma egcina ngokuhamba kodwa uManyama uzosivala leso sikhala.
“Ngicabanga ukuthi ukufika kukaManyama kuzoletha olukhulu ushintsho. Ngimbona ezosivala isikhala sikaTshabalala. Iqiniso lithi kuningi uTshabalala asekwenzele iqembu, kusazoba nzima ukwamukela ukuthi akasekho kubalandeli,” kusho uTrompies.
UTshabalala ufike kwiChiefs ngo-2007 wadlala imidlalo ewu-342, washaya amagoli angu-55. Kusasa iChiefs izobhekana neBloemfontein Celtic emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, ngo-7.30 ebusuku.