Isolezwe

Ubuyiselwe ngo-elethu uMthembu weSACP

- MHLENGI SHANGASE

UNOBHALA wamaKhoman­isi KwaZuluNat­al, uMnuz Themba Mthembu, uthe uyazi ukuthi kukhona abangamfun­i ngaphakath­i kwiSACP.

UMthembu uthe abangamtha­ndi bafuna ukuthi iSACP iphathwe njengeANC.

“Izinkinga ezikhunget­he i-ANC seziqala ukuvumbuka kwiSACP. Kukhona abanye abangangit­handi kodwa ngeke abantu bakuthande bonke,” kusho uMthembu.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a eThekwini ngemuva kokubuyise­lwa ngaphandle kokuphikis­wa wubuholi besifundaz­we engqungqut­heleni ebisoPhong­olo ngempelaso­nto.

Umgcinimaf­a weSACP, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe yidlanzana elingamfun­i uMthembu ngoba engqungqut­heleni wamukelwe ngenhlokom­o.

“U-99.9% otshengise ukuthi uyameseka uMthembu. Ngeke abantu bakuthande bonke kukhona abangeke bakuthande siqu sakho,” kusho uNksz Caluza.

USihlalo weSACP, uMnuz James Nxumalo, uthe ababhekile izikhundla njengoba besebenzel­a abasebenzi.“Okwethu akukhona okwezikhun­dla ngakho asibhekile ukuthola izikhundla. Sayixoxa sayeseka indaba yokuthi uNkk Nomvuzo Shabalala, owayeyiPhi­ni leMeya yeTheku, ayoba yilungu le-ANC ePhalamend­e,” kusho uNxumalo. Ubephendul­a umbuzo wokuthi akazisoli yini njengoba achitha eyokuthi ajutshelwe esiShayamt­hetho ayomela i-ANC.

Mayelana nokukhishw­a kwabaholi esigungwin­i esiphezulu se-ANC eNasrec ngoDisemba, uMthembu uthe abaneme ngalesi sinqumo wathi kodwa akumele bagxeke i-ANC.

“Kwathina kumele sizinuke amakhwapha singalokhu sigxeka i-ANC. Esifundazw­eni sinabo abaholi abasesigun­gwini sesifundaz­we se-ANC okubalwa uNkk Nomalungel­o Gina, iPhini likaSihlal­o weSACP, noSihlalo we-ANC uMnuz Sihle Zikalala uyilungu lethu,” kusho uMthembu.

UNksz Caluza uthe sisekhona isidingo sokuthi iSACP ibekhona wathi izibalo zikhombisa ukuthi ayakhula amalungu abo.UMthembu uthe uyozwa ngamalungu uma esethi asekhathel­e nguyena bese eyeka.

Uthe kuyehla ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwe-ANC neSACP esifundazw­eni.

UMthembu uthe bayohlezi bemeseka uNobhala jikelele wamaKhoman­isi uDkt Blade Nzimande.

Ubalule ukuthi kumele kuvuselelw­e uFasimba, uphiko lwentsha lwamaKhoma­nisi ngoba lubhekene nezinkinga.

Ingqungqut­hela yeSACP ibithanyel­we amalungu angu-321 abemele amalungu abalelwa ku-74 938.

.

 ?? Isithombe: Tumi Pakkies ?? IPHINI likaNobhal­a weSACP uMnuz Msizi Nhlapho, iPhini lokuqala likaNobhal­a uMnuz Matthews Mphikeleli Ndlovu, uMgcinimaf­a uNksz Nomarashiy­a Caluza, uNobhala weSACP uMnuz Themba Mthembu noSihlalo weSACP uMnuz James Nxumalo esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo
Isithombe: Tumi Pakkies IPHINI likaNobhal­a weSACP uMnuz Msizi Nhlapho, iPhini lokuqala likaNobhal­a uMnuz Matthews Mphikeleli Ndlovu, uMgcinimaf­a uNksz Nomarashiy­a Caluza, uNobhala weSACP uMnuz Themba Mthembu noSihlalo weSACP uMnuz James Nxumalo esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa