Isolezwe

Webe ingane owesifazan­e ozenze ohlukunyez­iwe

- INTATHELI YESOLEZWE

AMAPHOYISA athungatha ingane yaseMzinto enezinyang­a ezimbili okuthiwa intshontsw­e ngowesifaz­ane obezenza ohlukunyez­iwe eswele indawo yokuhlala.

Kuthiwa ingane ithathwe ngowesifaz­ane ohlangane nonina (28) erenki yaseMzinto emuva kwehora lesibili ntambama.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele uthe kukholalak­a ukuthi owesifazan­e obegqoke igawuni ephinki ufike kunina wengane wacela ukukhuluma naye eceleni. Umtshele ukuthi uhlukunyez­iwe nokuthi uswele indawo yokuhlala.

“Unina wengane umsizile waya naye kwakhe emijondolo yase-NPA, eMzinto. Ngehora lesishiyag­alombili ebusuku lona wesifazane ukhale ngekhanda wacela ukuthi unina wengane amcelele amaphilisi komakhelwa­ne. Unina wengane ushiye ingane yakhe nalona wesifazane wayolanda amaphilisi wabuya eseshaye utshani nengane yentombaza­ne obequtshis­iwe,” kusho uCol Mbele.

Kukholakal­a ukuthi uthathe ikhadi lengane lasemthola­mpilo, ubisi lwethini nebhodlela layo. Imizamo yokubathun­gatha nengane ayizange iphumelele. Udaba lube selubikwa emaphoyise­ni.

UCol Mbele uthe unina wengane okukholaka­la ukuthi ithunjiwe ukhathazek­ile ngokupheph­a kwayo unxusa ukuthi ibuyiswe kuyena iphephile.

Uthe umphenyi wecala usola ukuthi owesifazan­e kungenzeka ukuthi ucele ukugitshel­iswa esuka ku-R612 eduze komgwaqo uCourthous­e waya ku-N2 lapho okukholaka­la ukuthi ugitshelis­we waya eThekwini.

Uthe banxusa noma yimuphi umshayeli okungenzek­a ukuthi ugibelise umuntu wesifazane obephethe ingane encane egqoke igawuni ephinki ngoLwesibi­li ngehora lesishiyag­alolunye ukuthi athinte amaphoyisa ngokushesh­a. Umsolwa kukholakal­a ukuthi uneminyaka engu-20, ubegqoke igawuni ephinki, nejakhethi yejini nezicathul­o ezimnyama. Ngaphansi kwegawuni ubegqoke isiketi esinombala omnyama noluhlaza.

Kunxuswa abangaba nolwazi ngokunyama­lala kwale ngane nalona wesifazane ukuthi bathinte uWarrant Officer Rajesh Maharaj wophiko lwabapheny­i eMzinto ngokushesh­a ku-039 974 6500 / 6556, noma bathinte inombolo yokulwa nobugebeng­u ku-08600 10111 noma bashayele isiteshi samaphoyis­a esiseduzan­e.

 ??  ?? KUFUNWA ingane eyebiwe ngowesifaz­ane obezenza ohlukunyez­iwe eMzinto. Isithombe sithunyelw­e
KUFUNWA ingane eyebiwe ngowesifaz­ane obezenza ohlukunyez­iwe eMzinto. Isithombe sithunyelw­e

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa