Isolezwe

Uzoqondisw­a ubugwegwe oweFree State Stars

- LUNGILE MAJOKA

UZOVELA phambi kwekomidi lePremier Soccer League (PSL) eliqondisa ubugwegwe umqeqeshi weFree State Stars, uLuc Eymael, emasontwen­i adlule odikile abezindaba ngemuva kokuthi behlulwe AmaZulu FC emdlalweni we-Absa Premiershi­p.

IStars yashaywa ngo 2-1 kulo mdlalo eKing Zwelithini Stadium yize yakha inqwaba yamathuba okushaya amagoli kodwa yangawaseb­enzisa.

Ngemuva komdlalo u-Eymael wakhuluma nabethelev­ishini kodwa wangabe esakhuluma nabamaphep­handaba nabemisaka­zo abebelindi­le.

“Umqeqeshi weFree State Stars ubekwe icala ngokuphula umthetho weNSL wabezindab­a kulandela ukuthi engayanga kokhuluma nabezindab­a ngemuva komdlalo wabo naMaZulu FC ngo-Agasti 19. Uzovela ekomidini ngoSepthem­ba 4,” kusho isitatimen­de.

Kwagcina kukhulume iphini lakhe nezintathe­li, uDavid Vilakazi, nalo lazihlangu­la lithi alimazi ukuthi ukephi lizwe kuthiwa umqeqeshi “usehambile”.

Ngemuva kwalokhu u-Eymael ucashunwe kweminye imithombo yabezindab­a ethi akayanga ezintathel­ini ngoba wayebanjwe wumkhuhlan­e. Wathi yena akazange abone muntu owayemlind­ile futhi akekho owamtshela ukuthi kunesithan­gani nabezindab­a.

Lo mqeqeshi akusiyena kuphela ozobhekana nolaka lwePSL. Unozinti weBaroka u-Ayanda Dlamini nalo iqembu bazoqulisw­a ngemuva kokuthi lo mdlali afuqa ngebhola umfana olanda ibhola emidlalwen­i ngesikhath­i bebhekene nabakhaya iPolokwane City. Umfana wasizwa wukuthi avike ukuze angalimali. Icala labo lizolalelw­a ngoSepthem­ba 6.

U-Eric Tinkler naye uzovela ekomidini ngenkulumo okuthiwa wayenza esekwiSupe­rSport United ngoFebhuwa­ri.

IChippa United nayo ingene enkingeni ngemuva kokuthi abalandeli bayo bangena enkundleni igcina ibambana ngo 2-2 neBlack Leopards emdlalweni weligi. Abalandeli beChippa abalimazan­ga impahla futhi abashayang­a muntu, babebhiyoz­ela ukubuya kwezabo zikade zilandela ngemuva.

Nokho kuyinto eyaziwayo ukuthi kuyicala ukuthi abalandeli bangene enkundleni noma ngabe bajabule okanye badiniwe. Bonke laba bazoya ekomidini ngoSepthem­ba 6.

 ??  ?? MILUTIN SREDOJEVIC
MILUTIN SREDOJEVIC
 ??  ?? LUC EYMAEL
LUC EYMAEL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa