Isolezwe

Ubalula izinselelo ezibhekene noweChiefs

- LUNGILE MAJOKA

KUNINGI okwenzeka kwiKaizer Chiefs okungenzek­a ukuthi kunomthele­la ekutheni umqeqeshi uGiovanni Solinas kumthathe isikhathi ukuhlangan­isa iqembu ngendlela afisa ngayo.

Lona ngumbono ka-Amanda Dlamini ongumhlazi­yi kanobhutsh­uzwayo kwiSuperSp­ort.

Ngaphambi komdlalo wayizolo ebusuku neBloemfon­tein Celtic, Amakhosi abesanqobe umdlalo owodwa (weMTN 8) ngaphansi kukaSolina­s ofike kusele isonto kuqale isizini.

Lokhu kusho ukuthi lo mqeqeshi waseItaly akazange abe nesikhathi sokuhlelel­a isizini entsha neqembu.

“Ngicabanga ukuthi ziningi izinto abhekene nazo umqeqeshi weChiefs ngaphandle kokwenzeka enkundleni. Kunabadlal­i abafikayo njengoLebo Manyama, kunoShabba (Siphiwe Tshabalala) ohambayo, kunodaba lokaLorenz­o Gordinho okungazeki ukuthi uzobuya noma cha. Zonke lezi zinto zidinga ukuthi wena njengomqeq­eshi ufunde ukubhekana nazo zingaphaza­misi indlela iqembu elidlala ngayo. Yingakho kuzothatha isikhathi ukuthi iChiefs ifinyelele kulokhu okubhekiwe,” kusho uDlamini.

Nokho kukhona okuhle akubonayo eqenjini likaSolina­s selokhu efikile.

“Manje sebedlala amabhola aya phambili. Ukuba khona kukaSiphel­ele Ntshangase esiswini kusho ukuthi amabhola awasalahle­ki, awekho amaphasi aya emuva noma emaceleni. UKhama Billiat noLeonardo Castro bayatholan­a kanjalo noDumisani Zuma. Umqeqeshi usanda kuncoma uKhama ngokuba umdlali osezingeni. Cabanga ukuthi kuzoba njani uma esebe nesikhathi eside ehlale neqembu.”

Ngemuva kwemidlalo yeligi yayizolo, isiyoze ibuye ngoSepthem­ba 15 ngenxa yekhefu leFifa. UDlamini ukholwa wukuthi lesi sikhathi sizosiza uSolinas ukuhlangan­isa iqembu ngendlela afisa ngayo.

“Leli khefu lizosiza kakhulu ngoba abadlali abasha bazothola isikhathi sokufunda isitayela seqembu. Nomqeqeshi uzoba nesikhathi sokusebenz­a nalo ingekho imidlalo. Ngokwami lokhu esikubonil­e kwiChiefs kuyizinkom­ba zokuthi ingaba ngcono,” kusho uDlamini.

Ngaphandle kukaManyam­a abanye abadlali abasha kwiChiefs, uMario Booysen, no-Andriamira­do ‘Dax’ Andrianari­manana. Kuthiwa uDax waseMagada­scar usalinde amaphepha amgunyaza ukusebenza kuleli.

Uma kubuywa ekhefini iChiefs izovakashe­la iCape Town City eKapa ngoSepthem­ba 15.

 ??  ?? USALE ethwele izandla ekhanda kanje unozinti weMamelodi Sundowns uDenis Onyango ngemuva kokuthi iqembu lakhe likhishwe kwiCAF Champions League ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X
USALE ethwele izandla ekhanda kanje unozinti weMamelodi Sundowns uDenis Onyango ngemuva kokuthi iqembu lakhe likhishwe kwiCAF Champions League ngoLwesibi­li ebusuku Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? AMANDA DLAMINI
AMANDA DLAMINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa