Isolezwe

UKhune angase abe khona kwiBafana

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KWEHLE amaphaphu kubathandi nabalandel­i beqembu lesizwe laseNingiz­imu Afrika, iBafana Bafana, ngesikhath­i kuvela ukuthi maningi amathuba okuthi unozinti wokuqina u-Itumeleng Khune abe mdibi munye nozakwabo ekhempini eqala ngeSonto.

Indaba iqale ukwethusa nokusolisa engabonaka­li enkundleni uKhune emdlalweni omqoka we-Absa Premiershi­p ogcine uphele ngo 2-2 ngesikhath­i iKaizer Chiefs ibhekene neBloemfon­tein Celtic eFNB Stadium, eGoli, ngoLwesith­athu.

Indawo kaKhune ibivalwe ngomfana omncane uBruce Bvuma ngoba omunye wonozinti abalandelw­e ukuthi bazosiza uKhune, uVirgil Vries, naye unenkinga yokulimala. Ngesikhath­i iChiefs ingambophe­li uKhune ithe unenkinga engalweni kodwa kusolakala sengathi uhlushwa yihlombe elike lamhlalisa ngesizini edlule.

Nokho iChiefs ikhiphe isitatimen­de icacisa ngaye lapho iveze khona ukuthi akalimele kakhulu kodwa ibone kungcono ukuthi imphumuze ngoba ingalo yakhe ibivuvukel­e.

“Bekusemqok­a ukuthi singamphoq­i uma kukhona akhala ngakho. Maningi amathuba okuthi abonakale kule mpelasonto emdlalweni wethu womlenze wesibili weMTN 8 neSuperSpo­rt United,” besibhalwe kanje isitatimen­de ngoKhune.

Izindaba zizokwehla kamnandi kubalandel­i beBafana enomdlalo omqoka wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) neLybia eMoses Mabhida Stadium ngoSepthem­ba 8.

Ukuba khona kukaKhune kubukeka kuzoba nomehluko. Uma engekho eqenjini lesizwe kunokunten­ga odongeni kwazise uyayibona ingozi ingakenzek­i bese eqwashisa izitobha zakhe.

Lokhu kubonakele nasemdlalw­eni weChiefs idedela amaphuzu kwiCeltic. Izitobha zeChiefs beziphamba­na kucaca ukuthi akekho ozikhuzayo azikhombis­e izinto ezingazina­kile njengoba uKhune ehlale enza.

URonwen Williams noDarren Keet ngabanye onozinti uStuart Baxter abaqoke noKhune. EzikaBaxte­r ziyiqale kahle imidlalo yokuhlunga zenza okungakaze kwenzeke zinqoba ngo 2-0 kwiNigeria ekuhambeni. Uma zingaphume­lela ukuqoqa amanye amaphuzu agcwele kwiLybia nephupho lokuba seCameroon ngonyaka ozayo lizokhula.

Isikwati seBafana sizohlanga­na ngeSonto eGoli ngaphambi kokulibang­isa eThekwini lapho sizoqala khona ukuziqeqes­ha ngoMsombul­uko.

 ??  ?? ITUMELENG KHUNE
ITUMELENG KHUNE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa