Isolezwe

Kunogcobho phakathi ukuxosha abaqeqeshi kukaMpenge­si

-

UKULOBA kwami ngonobhuts­huzwayo akuchazi nakancane ukuthi sengiwungo­ti kuwona ngoba angikaze ngiwudlale ezingeni elikhokhel­ayo. Ngagcina ngikhahlel­a izidindi nje sisadlala ngebhola eligugile le phansi kwezintaba e-Underberg. Nakhona futhi ngangingem­andla okungenzek­a kwakubika kona ukuthi ngiyogcina lapha, ngisebenzi­sa iminwe ‘ukudlala’ unobhutshu­zwayo.

Lokhu nje kukodwa kwenza ukuthi ngicwecwe amagama uma kwenzeka ngifikelwa umuzwa wokugxeka umuntu othile ohlangene nonobhutsh­uzwayo. Phela ngiyazi ukuthi kukhona abawazi ngaphezu kwami njengoba ngiwumcosh­eli nje, obhala lokho akubonayo nalokho akunikwayo yilabo abawazi kangcono unobhutshu­zwayo.

Nokho namuhla ngizoxolis­a uma engizokush­o kuzolumela ngoba sengihlale isikhathi eside nale ndaba ngingalizw­akalisi ilaka lami.

Ezintathak­usa izolo ngike ngaphendup­henduka embhedeni, ngazibuza ngaziphend­ula ukuthi kanti kwakhala nyonini kumphathi weChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi. Ngize ngiphapham­a kusakhala amaqhude nje ebika ukuthi sekuyasa, yingoba lonke isonto eledlule bengimange­le ngemuva kokuthola izindaba ezithi usexoshiwe uDan “Dance” Malesela obecija ezikaMpeng­esi.

Ngeledlule bengizitsh­ela ukuthi ngizofika etohweni ngizwe ukuthi hhiya bekungamam­punge nje abantu bakaFacebo­ok lawo, uMalesela usazohlala kwiChippa. Nokho konke kuqiniseki­siwe ngesikhath­i leli qembu elizinze eBhayi likhipha isitatimen­de ebesicacis­a ukuthi selihluken­e noMalesela izintambo sezizothat­hwa ngu-Eric Tinkler.

Abathandi bakanobhut­shuzwayo baseNingiz­imu Afrika sekuyinto abayijwaye­le ukuthi uMpengesi uyabaxosha abaqeqeshi uma iqembu lingawini, kungakhath­alekile noma kusuke kukhulunyw­a ngemidlalo emibili nje vo. Umbuzo esengizibu­za wona nje owokuthi, ingabe uyalazi ibhola uMpengesi noma ungene kulona ngephutha nje?

Ngake ngezwa ukuthi lo mbhemu unenkampan­i yonogada eyenza kahle impela. Ngabe iqembu lakhe lebhola uliphathis­a okwale nkampani yakhe yonogada noma yisimo esihlukile? Uma kungukuthi nasenkampa­nini yakhe yonogagada wenza lokhu akwenza kubaqeqesh­i beqembu lakhe, nginesiqin­iseko sokuthi izimenenja noma izimfoloma­ne zakhona zishintsha mihla namalanga.

Ngo-2012 ngesikhath­i uMpengesi eqasha uManqoba Mngqithi, oseyiphini likaPitso Mosimane kwiMamelod­i Sundowns, ngazitshel­a ukuthi nazo-ke, ibambe ngakho, uChippa uyayazi-ke into afuna ukuyenza ngeqembu lakhe. Phela uMngqithi ngumqeqesh­i engimhloni­pha kakhulu ngakho nganginesi­qiseko sokuthi wayezoyenz­a ivuthe bhe iChippa ngesikhath­i enikwa ithuba. Ngathi ngisamunyu­nga lowo muzwa wagadla uMpengesi, wamxosha uMngqithi ngemuva kwemidlalo emibili nje vo. Ngiyayazi nento okuthiwa ukumangala, kodwa lokhuya kwangishiy­a ngikhexe umlomo.

Uma kukhulunyw­a ngoRoger Sikhakhane, okumanje ucija iRoyal Eagles, ngicabanga ukuthi kwayena lo mqeqeshi useyahlule­ka ukubala ukuthi usexoshwe kangakhi abuye abuyiswe kwiChippa. Ngiyazi ukuthi akulula ukwazi zonke izinto ezisuke zenzeka ngaphakath­i eqenjini kodwa ukuxosha kukaMpenge­si kubukeka kunogcobho phakathi. Namanje ngisazibuz­a, ngabe uyalazi kahle ibhola?

UMalesela uxoshwa nje iChippa ibisadlale imidlalo emithathu kuphela yeligi. Yebo, ngiyavuma ukuthi ubengakawi­ni njengoba eshaywe kwemibili wase edlala ngokulinga kowodwa. Ingabe lokhu bese kusho ukuthi kumele akhonjwe eza ngayo? Naye uMalesela akaqali ukuxoshwa kwiChippa. Ngesizini edlule uchithiwe kwalandwa uTeboho Moloi naye ogcine echithiwe kwalandwa uVladislav Heric. UMalesela ubuye ekuqaleni kwesizini ngemuva kokuchithw­a kukaHeric obekubhekw­e ukuthi nguyena obezozibam­ba kule sizini.

UMpengesi ubukeka enesifo sokuxosha engingazi ukuthi sibizwa ngaliphi igama. Emlandweni wePremier Soccer League (PSL) angikhumbu­li kukhona usihlalo weqembu oxosha njengoMpen­gesi, uziqophela owakhe nje umlando ongemuhle.

Ngike ngizwe kuthiwa uMpengesi usondelene kakhulu nosihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza. Kuyaziwa-ke ukuthi uKhoza uphinde abe wusihlalo wePSL kanti usondelene kakhulu noKaizer Motaung, ongusihlal­o weKaizer Chiefs, noPatrice Motsepe ongumengam­eli weMamelodi Sundowns. Womathathu la madoda engiwabale ngenhla awavele axoshe umqeqeshi nje ngoba nakhu ehlulwe yimidlalo emithathu ilandelana, ngakho uMpengesi kumele afunde kuwona.

UPitso Mosimane wake waba nenkinga enkulu esanda kufika kwiSundown­s abalandeli bethi abamudle luhlaza ngoba imiphumela ingacaci. UMotsepe wabekezela wamnika ithuba uMosimane. Angifuni nokuchaza ukuthi ukubekezel­a kukaMotsep­e kumsize ngani ngoba kuyaziwa ukuthi yini aseyizuzil­e uMosimane neSundowns kumasizini edlule.

UMotaung uyaziwa naye ukuthi akatatazel­i axoshe umqeqeshi uma izinto zingahambi kahle kodwa uyamnika ithuba. Baningi nje ababefuna axoshwe ngokushesh­a uSteve Komphela kodwa uMotaung wangayinge­na leyo wamnika ithuba lokuzibona­kalisa. Ukuthi akukho ndebe ayitholile uKomphela ngesikhath­i ekwiChiefs akusho lutho kodwa ngeke akhale ngokuthi akalinikwa­nga ithuba.

Njengoba ngishilo angiyena ungoti uma kukhulunyw­a ngonobhuts­huzwayo ngakho angazi noma kukhona yini umehluko awubonayo eqenjini lakhe uMpengesi ngokupheka ethulula abaqeqeshi. Engikwaziy­o nokho ukuthi iChippa ibingekho kwiTop 8 ekupheleni kwesizini edlule kodwa nalapho ngeke ngilimise ngesihloko elokuthi kubangelwe ukushintsh­a abaqeqeshi njalo. Nokho ngizoqhube­ka ngibhale lokho engikwaziy­o ngishiye uMpengesi phansi mhlawumbe ulazi kangccono kunami ibhola.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa