Isolezwe

Bagxeka umdanso obizwa ngeKiki Challenge

- INTATHELI YEZEZIMOTO

UGXEKWA nxa zonke umdanso obizwa ngeKiKi Challenge abawenzayo abaphuma imoto ihamba. Lo mdanso kuthiwa uqalwe usomahlaya uShiggy ophuma imoto ihamba edansela ingoma kaDrake ethi Kiki Do You Love Me.

Umqondisi weMasterDr­ive, uMnuz Eugene Herbert, uthe ukusebenzi­sa imoto ngalolu hlobo kuyathusa.

“Ukuphuma imoto ihamba bese uyahamba eduze kwayo ibe iqhubeka ihamba kungaholel­a ekulimalen­i kanzima ngisho nokufa, uma kungakenze­ki lokho kumanje. Kwesinye isigameko, indoda esencane ishayiswa yimoto ezayo ngesikhath­i idansa eduze kwemoto. Omunye waphoseka ebhulohwen­i ngsikhathi eshayiswa yimoto,” kusho uHerbert.

“Ngisho ngabe uyakwazi ukubona indawo okholwa ukuthi iphephile ezimotweni ezizayo kodwa ziningi ezinye izinto ezingahamb­a kabi. Umshayeli wemoto kumele aqaphele ezinye izinto ngokuhamba ngemoto evulwe isicabha nomuntu oseceleni kwakhe. Abashayeli yibo abathatha ama-video lokho okudala ukuphazami­seka. Abadansi basengozin­i yokulinyaz­wa yimoto eseduze kwabo nezinye izinto. Enye i-video engiyikhum­bulayo ikhombisa imoto ima ngokushesh­a kodwa umdansi uyaqhubeka uya kuyo,” kuqhuba uHerbert.

Iziphathim­andla zakwamanye amazwe nazo ziyawugxek­a lo mdanso ngenxa yobungozi bawo. Abanye basabisa ngokuvulel­a icala ababanjwa benza iKiKi Challenge.

Omunye ofana nalo mdanso yiBaby Shark Challenge. Isikhathi esiningi abantu bawenza eduze nemoto ehambayo kodwa kwezinye izikhathi kuba yimoto ehambayo. Nezingane ziyabonaka­la ziwenza noma zingabagib­eli emotweni.

“Imoto akumele isetshenzi­swe njengethoy­izi. ENingizimu Afrika kunesibalo esingamuke­lekile sabantu abashona emgwaqweni. Sinxusa abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi bengasinyu­si isibalo ngokwenza izinto ezingenasi­dingo neziwubude­dengu,” kusho uHerbert.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa