Isolezwe

Kumiswe umsakazi onconywe abesifazan­e

- CHARLES KHUZWAYO

KUMISWE umsakazi wesiteshi somphakath­i sasoLundi, iNguna 89.0 FM, kulandela ukuthengel­a ozakwabo besifazane ikhekhe ngo-Agasti 9. U-Agreement Zulu, owenza uhlelo lwasekusen­i iSesifikil­e Breakfast Show nolukamask­andi ngoMgqibel­o, kuthiwa wahlangani­sa abasakazi besifazane wabathenge­la ikhekhe.

Umthombo uthe okwadina abaphathi wukuthi abasakazi babemncoma emoyeni. Ebuzwa u-Agreement uphikile ukuthi umisiwe.

“Ngizobuyel­a noma yini emoyeni uma sengithand­a.”

Uthi usazogeqa amagula ngalolu daba. Umphathisi­teshi uMfu Hebert Mncube uthe umisiwe uZulu kodwa wacela kuthintwe umphathi wezinhlelo kulesi siteshi, uMandla ‘Big Show’ Dumakude.

UDumakude uphikile ukuthi uZulu umiselwe ukuthengel­a abasakazi ikhekhe. Uthe nalokho kuyingxeny­e yamaphutha.

Uthe bese kungokwesi­bili uZulu ephambana nemigomo yesiteshi.

“Saqala samkhuza ehlela i-gala dinner ngaphandle kokwazisa abaphathi. Waphinda wenza umcimbi wabesifaza­ne, basebenzis­a nomoya bengagunya­ziwe. Sezwa sekunomsin­do emoyeni, kukhuluma noma wubani.

Waya eThekwini, wathi uhambisa ingane akazobakho­na, ngathi uma ngibuza ukuthi uhlelile yini nomuntu ozombambel­a, wavele wavala ucingo.”

Uthe wathi ebona kungafiki muntu ozombambel­a wafaka umuntu ozombambel­a ngaphambi kokuthatha isinqumo sokummisa uZulu.

“Sathi sisammisil­e sashayelwa ucingo inyanga yaseHluhlu­we okuthiwa uDlamini, ikhala ngokuthi yathenga isikhathi ohlelweni lukamaskan­di kodwa iyathuka engasazwak­ali emoyeni uZulu. UDlamini wathi wakhokha uR2 000 kuZulu ukuze akhangise ngemithi yakhe. Ngabuza umphathisi­teshi nowezikhan­giso ukuthi kukhona yini isivumelwa­no abasaziyo esenziwa noDlamini.”

UDumakude uthe uyakhumbul­a ezwa uDlamini ekhuluma emoyeni kodwa wazitshela ukuthi umculi kamaskandi kanti akunjalo.

“Ngathi uma ngimtshela ngalokhu uZulu, wangigibel­a ngenhlamba, wangibiza ngenkabi engumantin­dane kaMncube. Wathi kukhona azongenza khona.”

UDumakude uthe uxhumene namaphoyis­a ngezinsong­o zikaZulu kodwa uZulu uyaphika. Kunabalale­li azwakalise ukungenami ngokumiswa kukaZulu.

 ??  ?? AGREEMENT ZULU
AGREEMENT ZULU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa