Isolezwe

Kufe oyedwa omunye walimala bezama ukuduna imoto yephoyisa

- LUNGI LANGA

KUFE oyedwa kwalimala omunye ngesikhath­i abalisa ababili bezama ukuduna imoto yephoyisa (37) ebelilinde ukuvulelwa yirobhothi kwa-V eMlaza.

Kuthiwa abalisa bangene emotweni yephoyisa ebelihamba ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko esenzeke emuva kwehora lesishiyag­alolunye ngoMgqibel­o ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe iphoyisa belihamba ngomgwaqo uMangosuth­u Highway livalelwe yirobhothi ngesikhath­i kuphoseka abalisa ababili emotweni yalo.

“Laba balisa bamkhombe ngesibhamu bamtshela ukuthi akashayele imoto aye endaweni thizeni esemgwaqwe­ni uNyathela Road. Ukhiphe isibhamu sakhe wadubula abasolwa kwashona umlisa oneminyaka engu-33 kwalimala omunye. Lona olimele uphuthunyi­swe esibhedlel­a lapho egadwe khona ngamaphoyi­sa,” kusho uCol Mbhele.

Uthe amaphoyisa avule amacala okuzama ukuduna imoto nedokodo.

Ngokuthola kweSolezwe kuthiwa iphoyisa belihamba ngoMangosu­thu Highway likwa-V ngesikhath­i lifica irobhothi livalile.

Kukholakal­a ukuthi kube sekuqhamuk­a umlisa ongaziwa wacela u-lift.

Iphoyisa lizamile ukuvala izicabha lisebenzis­a i-central locking kodwa wangakwazi njengoba lo mlisa evule isicabha somgibeli wangena phakathi.

Kube sekuqhamuk­a omunye umlisa wangena esicabheni sangemuva. Kuthiwa omunye walaba balisa ukhiphe isibhamu watshela iphoyisa ukuthi alishayele imoto liye kuphi.

Kuthiwa bathe uma befika kwa-P eMlaza bazama ukuliphoqa ukuthi lehle emotweni nokuyilaph­o okusuke khona uthuthuva labadubula kwashona oyedwa kwalimala omunye.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Makhosi Dlangamand­la (25) osekuphele amasonto amabili singathola­kali isidumbu sakhe lapho isoka lakhe lithi lamgqiba khona ngesikhath­i liqeda ukumbulala ngo-2015
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Makhosi Dlangamand­la (25) osekuphele amasonto amabili singathola­kali isidumbu sakhe lapho isoka lakhe lithi lamgqiba khona ngesikhath­i liqeda ukumbulala ngo-2015
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa