Isolezwe

Intukuthel­o isidumbu singathola­kali

- INTATHELI YESOLEZWE

UYAVEVA yintukuthe­lo umphakathi waseBilany­oni, eDumbe, ngokungath­olakali kwesidumbu sowesifaza­ne endaweni lapho isoka lakhe elithi lasigqiba khona eminyakeni emithathu eyedlule.

Kumanje isimo simanzonzo emphakathi­ni waseBilany­oni njengoba isidumbu sikaNksz Makhosi Dlangamand­la (25) sekuphela isonto lesibili singathola­kali lapho umsolwa athi wasigqiba khona ngo-2015.

Kuze kwangenele­la neMeya yaseDumbe, uMnuz Majuba Mavuso, ezame ukudambisa isimo njengoba umphakathi kuthiwa ubusufuna ukushisa umuzi wakwaSitho­le kubo kamsolwa.

USphamandl­a Sithole (29) kuthiwa ugonyuluke ngalolu daba emaphoyise­ni ngemuva kokuboshis­wa wumalume wakhe ngecala lokudlweng­ula indodakazi yakhe, umzala wakhe, nasevele ngalo enkantolo waphinde wazama nokweqa.

“USithole uboshiswe wumalume wakhe ngokudlwen­gula ingane (kamalume) eneminyaka engu-15. Yilapho uyise wale ngane evele wagonyuluk­a wathi vele ibiyini indodakazi yakhe ngoba uSiphamand­la (Sithole) wakwazi ukubulala intombi yakhe ngo2015 Juni maqede wayoyigqib­a ehlathini. Uthe ubesaba ukusho ngoba umsolwa wamsabisa ngokuthi uzombulala uma eveza le ndaba. Lo baba uveze nokuthi uSphamandl­a wakwenza lokhu ehamba nomunye umzala wakhe ozalwa yilo baba nofunda uGrade 11,” kusho ilungu lekomiti lomphakath­i elicele ukungadalu­lwa.

Umfowabo kamufi , uMnuz Sfiso Dlangamand­la, uthe baphatheke kabi ngoba kuze kube yimanje isidumbu sikadadewa­bo asitholaka­li.

“Amaphoyisa asitshele ukuthi azofika nezinja ezinuka umkhondo ezilandwa eGlencoe kodwa kuze kube manje awabuyi njengoba siqeda isonto lesibili. Okuningi kakhulu ukuthi nomsolwa usekhomba izindawo eziningi. Umphakathi yiwo osilekelel­ayo njengoba njalo ekuseni uyavuka uyomba kule ndawo ekhonjwe wuSphamand­la. Lo mfana ayehamba naye ofunda uGrade 11 akaboshiwe ngoba kuthiwa usengufaka­zi wenkantolo,” kusho uDlangaman­dla.

IMeya uMavuso ithe le ndawo uSphamandl­a abakhombis­e yona namaphoyis­a inamanzi, nokwenze umshini kamasipala abebelekel­ele ngawo okuyiTLB ugcine uhluleka ukumba, wabhajwa. Amaphoyisa asibikele ukuthi uSphamandl­a akashaywan­ga ukuze avume icala futhi uyiswe nakudokote­la eyomhlola ukuthi ngabe emqondweni uphile kahle yini. Bathola ukuthi uwumqemane, akahlukuny­eziwe,” kusho uMavuso.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe uSithole uvele ngecala lokudlweng­ula ePaulpiete­rsburg ngomhlaka-4 Agasti, waphinde wazama ukweqa esitokisin­i ngomhlaka-18. Uthe uzobuyela enkantolo ngoSepthem­ba 10 kuyaku-13 kodwa abafuni ukuphawula ngelinye icala okwamanje ngenxa yokuba bucayi kwalo.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa