Intukuthelo isidumbu singatholakali
UYAVEVA yintukuthelo umphakathi waseBilanyoni, eDumbe, ngokungatholakali kwesidumbu sowesifazane endaweni lapho isoka lakhe elithi lasigqiba khona eminyakeni emithathu eyedlule.
Kumanje isimo simanzonzo emphakathini waseBilanyoni njengoba isidumbu sikaNksz Makhosi Dlangamandla (25) sekuphela isonto lesibili singatholakali lapho umsolwa athi wasigqiba khona ngo-2015.
Kuze kwangenelela neMeya yaseDumbe, uMnuz Majuba Mavuso, ezame ukudambisa isimo njengoba umphakathi kuthiwa ubusufuna ukushisa umuzi wakwaSithole kubo kamsolwa.
USphamandla Sithole (29) kuthiwa ugonyuluke ngalolu daba emaphoyiseni ngemuva kokuboshiswa wumalume wakhe ngecala lokudlwengula indodakazi yakhe, umzala wakhe, nasevele ngalo enkantolo waphinde wazama nokweqa.
“USithole uboshiswe wumalume wakhe ngokudlwengula ingane (kamalume) eneminyaka engu-15. Yilapho uyise wale ngane evele wagonyuluka wathi vele ibiyini indodakazi yakhe ngoba uSiphamandla (Sithole) wakwazi ukubulala intombi yakhe ngo2015 Juni maqede wayoyigqiba ehlathini. Uthe ubesaba ukusho ngoba umsolwa wamsabisa ngokuthi uzombulala uma eveza le ndaba. Lo baba uveze nokuthi uSphamandla wakwenza lokhu ehamba nomunye umzala wakhe ozalwa yilo baba nofunda uGrade 11,” kusho ilungu lekomiti lomphakathi elicele ukungadalulwa.
Umfowabo kamufi , uMnuz Sfiso Dlangamandla, uthe baphatheke kabi ngoba kuze kube yimanje isidumbu sikadadewabo asitholakali.
“Amaphoyisa asitshele ukuthi azofika nezinja ezinuka umkhondo ezilandwa eGlencoe kodwa kuze kube manje awabuyi njengoba siqeda isonto lesibili. Okuningi kakhulu ukuthi nomsolwa usekhomba izindawo eziningi. Umphakathi yiwo osilekelelayo njengoba njalo ekuseni uyavuka uyomba kule ndawo ekhonjwe wuSphamandla. Lo mfana ayehamba naye ofunda uGrade 11 akaboshiwe ngoba kuthiwa usengufakazi wenkantolo,” kusho uDlangamandla.
IMeya uMavuso ithe le ndawo uSphamandla abakhombise yona namaphoyisa inamanzi, nokwenze umshini kamasipala abebelekelele ngawo okuyiTLB ugcine uhluleka ukumba, wabhajwa. Amaphoyisa asibikele ukuthi uSphamandla akashaywanga ukuze avume icala futhi uyiswe nakudokotela eyomhlola ukuthi ngabe emqondweni uphile kahle yini. Bathola ukuthi uwumqemane, akahlukunyeziwe,” kusho uMavuso.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe uSithole uvele ngecala lokudlwengula ePaulpietersburg ngomhlaka-4 Agasti, waphinde wazama ukweqa esitokisini ngomhlaka-18. Uthe uzobuyela enkantolo ngoSepthemba 10 kuyaku-13 kodwa abafuni ukuphawula ngelinye icala okwamanje ngenxa yokuba bucayi kwalo.