Intsha itshelwe indlela yokuziphatha
UMSAKAZI woKhozi FM, uMroza Buthelezi, ukhale mi izinyembezi ngesikhathi kwethulwa umcimbi obekukhuthazwa kuwo intsha yamantombazane ukuthi iziphathe kahle ingathembeli kubantu besilisa, ikakhulukazi abahlukumeza abantu besifazane.
Umcimbi i-#QhakazaGirl: Dear Daughter ubuhlelwe wusomabhizinisi uZanele LaMbokazi-Nkambule ngoMgqibelo.
Ngaphambi komcimbi kube nemashi esuke epaki iBotha yayophelela eCity Hall, eThekwini. Kube sekuhlalwa phansi kwaba nezikhulumi ezehlukene eziyale amantombazane asemancane. ngihlala ngibona ukuthi akulula ngenxa yokuthi laba bantu bayakalelwa isikhathi okumele basihlale phandle babone ilanga, abanye abaliboni kwalona ngenxa yamacala abawenza,” kusho uNkk Dlamini.
Uthe amantombazane awayeke ukuzinikela kubantu besilisa abadala abanemali ngenxa yokuthi afuna ukuphila impilo emnandi.
“Yihlonipheni imizimba yenu iyikho konke, into oyothi usumdala uziqhenye ngayo,” kusho uNkk Dlamini.
UZanele uthe banohlelo lokuhambela emakhaya bakhulume khona nezingane zamantombazane ezincane ngendlela yokuziphatha.
“Inkinga ikithina bazali. Kuke kube buhlungu uthi uyezwa kuthiwe kukhona ingane edlwenguliwe kodwa kuphinde kuvele ukuthi umzali wayo wathi ayithule ngoba ubaba osolwa ngokwenza lokhu uyondla ekhaya futhi uma kungavela kungaba yihlazo emphakathini. Le nto, bazali, kumele siyiyeke. Izingane zethu azibe yigugu kithina, sikhulume nazo ngazo zonke izinto ezithinta ukukhula kwentombazane ize iqome, sizitshele konke okuzokwenzeka emizimbeni wazo uma zikhula ukuze zazi ukuthi yini ezizobhekana nayo,” kusho uZanele.
Uthe inkinga inkulu kakhulu emakhaya. Bazomemezela izinsuku nezindawo abazozihambela ukuze kuyokhulunywa nabazali nezingane.
“Nginencwadi ethi #QhakazaGirl: Dear Daughter engiyibhale ngenjongo yokusiza intsha nabantu besifazane nje bonkana,” kuchaza yena.
Emcimbini kuphinde kwajatshuliswa intsha ebikhona ngomculo omnandi wentokazi esencane uLasandra Majola.