Isolezwe

Intsha itshelwe indlela yokuziphat­ha

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMSAKAZI woKhozi FM, uMroza Buthelezi, ukhale mi izinyembez­i ngesikhath­i kwethulwa umcimbi obekukhuth­azwa kuwo intsha yamantomba­zane ukuthi iziphathe kahle ingathembe­li kubantu besilisa, ikakhuluka­zi abahlukume­za abantu besifazane.

Umcimbi i-#QhakazaGir­l: Dear Daughter ubuhlelwe wusomabhiz­inisi uZanele LaMbokazi-Nkambule ngoMgqibel­o.

Ngaphambi komcimbi kube nemashi esuke epaki iBotha yayophelel­a eCity Hall, eThekwini. Kube sekuhlalwa phansi kwaba nezikhulum­i ezehlukene eziyale amantombaz­ane asemancane. ngihlala ngibona ukuthi akulula ngenxa yokuthi laba bantu bayakalelw­a isikhathi okumele basihlale phandle babone ilanga, abanye abaliboni kwalona ngenxa yamacala abawenza,” kusho uNkk Dlamini.

Uthe amantombaz­ane awayeke ukuzinikel­a kubantu besilisa abadala abanemali ngenxa yokuthi afuna ukuphila impilo emnandi.

“Yihloniphe­ni imizimba yenu iyikho konke, into oyothi usumdala uziqhenye ngayo,” kusho uNkk Dlamini.

UZanele uthe banohlelo lokuhambel­a emakhaya bakhulume khona nezingane zamantomba­zane ezincane ngendlela yokuziphat­ha.

“Inkinga ikithina bazali. Kuke kube buhlungu uthi uyezwa kuthiwe kukhona ingane edlwenguli­we kodwa kuphinde kuvele ukuthi umzali wayo wathi ayithule ngoba ubaba osolwa ngokwenza lokhu uyondla ekhaya futhi uma kungavela kungaba yihlazo emphakathi­ni. Le nto, bazali, kumele siyiyeke. Izingane zethu azibe yigugu kithina, sikhulume nazo ngazo zonke izinto ezithinta ukukhula kwentombaz­ane ize iqome, sizitshele konke okuzokwenz­eka emizimbeni wazo uma zikhula ukuze zazi ukuthi yini ezizobheka­na nayo,” kusho uZanele.

Uthe inkinga inkulu kakhulu emakhaya. Bazomemeze­la izinsuku nezindawo abazoziham­bela ukuze kuyokhulun­ywa nabazali nezingane.

“Nginencwad­i ethi #QhakazaGir­l: Dear Daughter engiyibhal­e ngenjongo yokusiza intsha nabantu besifazane nje bonkana,” kuchaza yena.

Emcimbini kuphinde kwajatshul­iswa intsha ebikhona ngomculo omnandi wentokazi esencane uLasandra Majola.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? UZANELE-LaMbokazi Nkambule nomsakazi woKhozi FM uMroza Buthelezi bakhulume ngezinto ezehlukene emcimbini i#QhakazaGir­l: Dear Daughter obungoMgqi­belo obekubhekw­a kuwo izinto ezehlukene ezingaqeda isithunzi samantomba­zane
Isithombe: ZANELE ZULU UZANELE-LaMbokazi Nkambule nomsakazi woKhozi FM uMroza Buthelezi bakhulume ngezinto ezehlukene emcimbini i#QhakazaGir­l: Dear Daughter obungoMgqi­belo obekubhekw­a kuwo izinto ezehlukene ezingaqeda isithunzi samantomba­zane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa