Isolezwe

‘Ziyashaqis­a’ izibalo zokuteta kwabafundi

- MHLENGI SHANGASE

NGOKOMBIKO weStats SA zingaphezu kuka-120 000 izingane zamantomba­zane ezisafunda isikole ezibelethe nyakenye.

Ngokwalo mbiko, iLive Birth 2017, okhishwe ngeledlule awu-3 261 amantombaz­ane aphakathi kweminyaka engu-10 kuya ku-14 abelethe nyakenye. Awu-119 645 aphakathi kuka-15 no-19. Umbiko wenziwe ngokuthi kuqoqwe umbiko ngabesifaz­ane ababelethi­le eMnyangwen­i wezaseKhay­a nyakenye.

Kuwona kuhlukanis­we ngokweminy­aka yabesifaza­ne ababelethi­le.

Minyaka yonke ihlale ikhathaza uMnyango weMfundo eyisiSekel­o eyokukhule­lwa kwabafundi ezikoleni.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe ziyashaqis­a lezi zibalo ngoba emantombaz­aneni abelethile abalelwa ku-3 000 afunda uGrade 6, 7 no 8.

Uthe lawo angaphezul­u kuka-119 000 afunda uGrade 10 kuya ku-matric.

“Sishaqekil­e ngezibalo ngoba yizingane ezisuke zisafunda isikole. Sihlale sibanxusa abafundi ukuthi bagxile ezincwadin­i zabo ngaso sonke isikhathi,” kusho uMhlanga.

Uthe nabazali kumele babambe iqhaza ngoba akuyona inkinga yomnyango wodwa.

“Uma ubheka kubafundi abaneminya­ka ewu-10 abakhulelw­ayo kumele kuvulwe amacala baseyingan­e. Kulaba abaneminya­ka ewu-16 basuke sebenalo ulwazi ngengozi yokukhulel­wa ngakho kumele basebenzis­e izivikelo,” kusho uMhlanga.

Uthe kwesinye isikole eLimpopo omunye wabafundi obekhulelw­e ukuvezile ukuthi ubenalo ulwazi ngokuthi angazivike­la kanjani ukuze angakhulel­wa.

“Sinesifund­o iLife Orientatio­n abafundi okungamele bacabange ukuthi asithi shu ngoba sibaluleki­le. Siyabafund­isa ngokukhule­lwa nangezindl­ela abangazivi­kela ngazo,” kusho uMhlanga.

Akusona isifundo samantomba­zane kuphela kodwa nabafana kumele basiqonde.

Ngokombiko bawu-989 318 abesifazan­e ababeletha nyakenye. Uthe isibalo sababeleth­ayo sinyukile kunesango-2016 esasiwu-969 415.

Kuzalwe kakhulu abafana abawu-460 774 amantombaz­ane aba wu-452 725.

Isifundazw­e iGauteng yisona esinesibal­o esiphezulu sezingane ezizelwe ngezingu-239 457 kulandele iKwaZulu-Natal ngezingu-197 913.

Isifundazw­e esibe nesibalo esincane yiNorthern Cape ngeziwu-24 395.

Umthetho iDeaths Registrati­on Amendment Act ubalula ukuthi kumele izingane zibhaliswe ezinsukwin­i eziwu-30 zibelethiw­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa