Isolezwe

Sikulungel­e ukuhwebela­na neChina: Ramaphosa

- SHANNON EBRAHIM

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usebenzise uhambo lwakhe lwasePeopl­e’s Republic of China ukuqinisek­isa osomabhizi­nisi baseChina ukuthi iNingizimu Afrika ikulungele ukuhwebela­na nayo.

Utshele osomabhizi­nisi abebehambe­le umcimbi wesidlo sasekuseni ukuthi iNingizimu Afrika imatasa ilungisa izinto ezibalulek­ile emuva kokuthi ike yangenza kahle. “Silungisa izwe lethu. Senza konke ukubhekana nenkinga yenkohlaka­lo ekhona emabhizini­sini kahulumeni,” kusho uRamaphosa.

URamaphosa ukuqinisek­isile kubaholi baseChina ukuthi iNingizimu Afrika izomangaza umhlaba ngokulungi­sa inkinga yayo yomhlaba.

“Inkulumomp­ikiswano ngodaba lomhlaba iyaqhubeka kodwa ukwesaba obekufakwa abathile kuya ngokwehla. Sizoqinise­kisa ukuthi bonke abantu bakithi bathola amalungelo okuba nendawo (yabo),” kusho uRamaphosa.

Ngesikhath­i ehambele eNingizimu Afrika ngoJulayi, uMengameli waseChina uMnuz Xi Jinping wakubeka ukuthi idinga uzinzo. Emuva kwezinkulu­mo zikaMengam­eli wase-USA, uMnuz Donald Trump, azisabalal­ise enkundleni yokuxhuman­a uTwitter, uRamaphosa ugcizelele ukuthi elakuleli lizokuqini­sekisa ukuthi ukudla kubakhona nokuthi ukukhiqizw­a kokudla kuyathuthu­kiswa.

URamaphosa uthe iNingizimu Afrika ihambisa impahla eningi eChina futhi iChina ihambisa impahla eningi eNingizimu Afrika.

Ubeke izimbali esikhumbuz­weni samaqhawe eTiananmen Square ngaphambi kokuhlanga­na noNdunanku­lu waseChina uMnuz Li Kequiang.

 ?? Isithombe:GCIS ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa nowaseChin­a, uMnuz Xi Jinping, ebingelela ithimba lakuleli ebeliphele­zela uRamaphosa
Isithombe:GCIS UMENGAMELI Cyril Ramaphosa nowaseChin­a, uMnuz Xi Jinping, ebingelela ithimba lakuleli ebeliphele­zela uRamaphosa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa