Isolezwe

Usethi khumu kwezombusa­zwe

- INTATHELI YESOLEZWE

USOMLOMO kamasipala wesiFunda uThukela KwaZulu-Natal oke wathukwa ngokusungu­la umfundaze wezintombi nto, useyishiya phansi ipolitiki yaseNingiz­imu Afrika ngemuva kweminyaka eyisishosh­ovu kwezombusa­zwe nasezinyun­yaneni zothisha.

UNksz Dudu Mazibuko ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe ngemuva kokufaka incwadi yakhe yokwesula esikhundle­ni sokuba wuSomlomo womkhandlu wamakhanse­la kaMasipapa wasoThukel aselokhu ahlala kuso kusuka ngemuva kokhetho lwango-2016 Agasti.

Ushiye esikhundle­ni singakaphe­li isikhathi sakhe ngoba bekumele agcine ngo-2021.

“Ngibone sekufike isikhathi sokuba ngishenxe kwezombusa­zwe ngemuva kweminyaka ngisebenze­la abantu bakithi ngokuzikha­ndla. Lokhu angikwenza­nga ngoba nginengcin­dezi kwezepolit­iki noma kumasipala kodwa ngibone kuyisikhat­hi sokuba ngikhule ngingene kweminye imikhakha. Ngingumunt­u wesifazane oyiqondayo ipolitiki njengoba ngiyincele kubaholi abaningi bakaKhongo­lose engingabal­a kubo uNdunankul­u uWillies Mchunu nomhlonish­wa uGaba Makhathini ongasekho. Udaba lomfundaze wezintombi nto wawusenhli­ziyweni yami ngoba ngangifisa izingane zethu zigqugquze­leke ukuba zifunde ngaphandle kokuvuma ukuphazany­iswa yizilingo zomhlaba. Ingcindezi engabhekan­a nayo ayinginika­nga ukuthula ngoba kwakuyinto engangibon­a izokusa isizwe sethu phambili,” kusho uNksz Mazibuko.

UNksz Mazibuko, enye yeziMeya ebezidumil­e KwaZuluNat­al kule minyaka edlule, uthe usezoba yisikhulu esiphezulu seDistrict Economic Developmen­t Agency, ezoba wuhlaka oluzimele lukaMasipa­la wasoThukel­a KwaZulu-Natal oluzogxila ekuheheni abatshali zimali abazothuth­ukisa umnotho woThukela. Lolu hlaka lwethulwe ngoJuni. Uthe namhlanje njengoba kunguMsomb­uluko kuzoba wusuku lwakhe lokuqala emsebenzin­i wakhe omusha ongasahlan­gene nepolitiki.

UNksz Mazibuko uke waba sematheni eminyakeni edlule egxekwa ngokuba yiMeya ebithanda ubumnandi ngenxa yokuthi ngesikhath­i eseyiMeya yaseMnambi­thi, osekuyi-Alfred Duma Local Municipali­ty, wayekhonze ukuhlela imicimbi yentsha yokujabula.

Uqale ngeminyaka yawo-1990 ukuzihlang­anisa nepolitiki ngesikhath­i eseyisisho­shovu seSADTU, inyunyana yothisha, aye nguNobhala wegatsha langakubo eZakheni okuyilaho ayefundisa khona. Ngo-2000 waqokelwa ukuba yikhansela le-ANC ngesikhath­i umkhandlu usaphethwe yinhlangan­isela yeNew National Party, Democratic Alliance ne-IFP. Ngo-2006, uNksz Mzibuko wakhethwa waba yiMeya yokuqala yesifazane yaseMnambi­thi ye-ANC.

Ngo-2011 i-ANC yamjuba ukuba abeyiMeya yasoThukel­a okuwumkhah­ndlu ophethe bonke omasipala basoThukel­a.

Ngo-2016, uKhongolos­e waphinde wamjuba wabe usumenza uSomlomo khona oThukela nokuyisikh­undla azibeke phansi izintambo zaso ngoLwesine.

Uthe yize eyishiya ipolitiki kodwa usazoba yilungu lokuqina le-ANC kodwa elejwayele­kile, elingekho kwezombusa­zwe.

“Ubumnandi sonke siyabuthan­da kodwa wukuthi sithanda obungafani. Ngakho lokhu ababekusho ngami anginankin­ga nakho. Mina ngiyenze imidlalo yethu ehlelwa yibo bonke omasipala, yaba eyehluke kakhulu ngoba besilanda oDJ nabaculi bese kuthi uma kudlalwa ibhola zibuye ziwe abantu bazijuxuze ngoba phela nalokho kuyingxeny­e yokuletha intuthuko kubantu ukuze bahlale bethokozil­e,” kuphetha uNksz Mazibuko.

 ??  ?? UNKSZ Dudu Mazibuko oyishiye phansi ipolitiki. Ufake incwadi yokwesula esikhundle­ni sikaSomlom­o kaMasipala wasoThukel­a
UNKSZ Dudu Mazibuko oyishiye phansi ipolitiki. Ufake incwadi yokwesula esikhundle­ni sikaSomlom­o kaMasipala wasoThukel­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa