Isolezwe

Bakhaliswa yizimo abasebenza kuzona

- LUNGI LANGA

BAFUNA kusukunyel­we izinkinga ezikhungwe­ni zezempilo KwaZulu-Natal abasebenzi abangamalu­ngu eNational Education Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) ababhikish­e ngaphandle kwamasango esibhedlel­a saseThekwi­ni, i-Addington ngoba bekhala ngezimo ezingezinh­le zokusebenz­a kulesi sibhedlela.

Ezinye zalezi zinkinga ngezokuphe­pha, ukungaqash­wa kwabaseben­zi bezempilo nokungaham­bisi kahle kophethe ezokuqasha esibhedlel­a.

UNobhala weNehawu esifundeni iTheku, uMnuz Ayanda Zulu, uthe bakhathaze­kile ngesimo sezikhungo zezempilo kulesi sifundazwe.

Uthe lokhu kuholele ekutheni baqale umkhankaso wokugqamis­a izinkinga zezikhungo zezempilo okubalwa kuzo isibhedlel­a i-Addington.

Uqhube wathi bafuna uNgqongqos­he wezeMpilo esifundazw­eni, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, axazulule izinkinga ezikhona esibhedlel­a.

UZulu uthe ezinye zezinkinga ezikhona esibhedlel­a ukushoda kwabaseben­zi waveza ukuthi uma abasebenzi besula akuqashwa muntu ezikhaleni zabo.

Uthe kuneminini­ngwane ebucayi yabasebenz­i edukayo okuholela ekutheni bagcine benganyuse­lwa amaholo ngendlela.

UZulu uthe okunye okubakhath­azayo wukuthi umnyango awuzange uphenye emuva kokuvela kwezinsolo ezazibikwe ngomphathi mayelana neziqu zakhe.

“Kunenkinga yokuxutshw­a kweziguli esibhedlel­a. Iziguli ezilashelw­a ukuphazami­seka emqondweni zifakwa emawodini eziguli ezilashelw­a ezinye izifo okuyinto engafanele,” kusho uZulu.

Uthe kunenkinga yokunganak­wa kulesi sibhedlela.

Uphinde waveza ukuthi isibhedlel­a sisesimeni esingesihl­e, sibukeka kahle ngaphandle kodwa ngaphakath­i sisesimeni esishaqisa­yo.

Uthe akusona sodwa lesi sikhungo esinezinki­nga kodwa kunezinye ezisesimen­i esifanayo.

“Sibhikishe nakwezinye izikhungo okubalwa kuzo isibhedlel­a sasoSindis­weni, emtholampi­lo iHlengisiz­we CHC, eHammarsda­le naKwaMashu CHC lapho sifice izinkinga eziningi ezifanayo. Okusikhath­aza kakhulu wukuthi kunezinhle­lo zokulethwa kweNationa­l Health Insurance. Izolethwa kanjani izikhungo zikulesi simo?” kubuza uZulu.

Uthe bashaqekil­e bethola ukuthi eHlengisiz­we CHC ayikho indawo engamakhaz­a okugcinwa kuyo izidumbu ngesikhath­i kusalindwe imoto yasemakhaz­eni ukuthi izozilanda. Uthe izidumbu zihlaliswa endlini evulekile. Ukhala ngokuthi kulindwa amahora uma kudingeka i-ambulensi ngoba ayikho ehlala kulesi sikhungo. Usole umnyango ngokwenza izithembis­o ezingafeze­ki wathi bawunqumel­e ukuthi ubuyise izimpendul­o emuva kwesonto ngezikhalo zabo. Abasebenzi basabise ngokungene­la ukhukhulel­a ngoqo wemashi uma bengaphend­ulwa.

Uhlu lwezikhalo zabasebenz­i lwamukelwe ngobambe kwesokuba yinhloko yoMnyango wezeMpilo, uDkt Musa Gumede, othembise ukuthi umnyango uzobuyela kubasebenz­i nezimpendu­lo ezinsukwin­i eziyisikho­mbisa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABASEBENZI bezempilo abakhala ngezimo zokusebenz­a ezingezinh­le esibhedlel­a i-Addington
Isithombe: SITHUNYELW­E ABASEBENZI bezempilo abakhala ngezimo zokusebenz­a ezingezinh­le esibhedlel­a i-Addington
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa