Isolezwe

Ungoti ugxeka uhulumeni ngemfundo engagculis­i

- MHLENGI SHANGASE

UNGOTI wezemfundo owaziwayo ngokugxeka uhulumeni angahloniz­i ngokuhlule­ka ukufukula imfundo yakuleli uSolwazi Jonathan Jansen uthi uma uhulumeni ungase ugxile kakhulu emazingeni aphansi ezemfundo ngeke ibe khona inkinga yezinkumbi zabafundi abashiya phakathi ukufunda bengafinye­lelanga kwamatric.

UJansen ozinze eNyuvesi yaseStelle­nbosch oke waba ngumphathi weNyuvesi yaseFree State, ukhwele wadilika kuhulumeni ngokuthi akayikhath­alele imfundo ngoba izingane zosopoliti­ki zifunda ezikoleni ezingcono.

“Ukuze uhulumeni alungise inkinga yezemfundo kuleli, kumele kugxilwe emazingeni aphansi ikakhulu ezinkulisa (Grade R). Akungagxil­wa emazingeni aphezulu ikakhulu emanyuvesi,” kusho uJansen ekhuluma engqungqut­heleni yenyunyana yothisha iNaptosa eThekwini ngoLwesihl­anu. Uthe izinto zimapeketw­ane kwezemfund­o yingakho abafundi abawuhhafu wesigidi bengafinye­leli kwa-matric beshiya phakathi izifundo.

Usho lokhu nje izinyunyan­a zothisha zihlale zikhala ngokuthi kumele kuqiniswe emazingeni aphansi ikakhulu uGrade R njengoba othisha bakhona bengaqashi­we ngokugcwel­e. Imfundo ethathwa njengebalu­lekile iqala kwaGrade 1. Uthe kukhulu ukwehlukan­a kwezemfund­o njengoba izingane zabacebile zithola engcono.

Unxuse othisha ukuthi bangalinde­li uhulumeni ukuthi afukule imfundo kodwa babhukule bazenzele.

“Ningalinde­li uhulumeni ngoba ayikho into azoyenza ngoba izingane zongqongqo­she zifunda ezikoleni ezikahle. Sukumani nenzele izingane zabahlwemp­u ezidonsa kanzima.”

Ukhale kakhulu ngenye yezinyunya­na angayidalu­langa ukuthi uma iteleka ayifuni kuvalwe izikole zabamhloph­e ngoba yilapho kufunda khona izingane zamalungu ayo.

Uthe ucwaningo luyaveza ukuthi umfundi ofunde esikoleni esinayo yonke into, noma lezo ezazaziwa njengazaba­mhlophe kuba negebe uma umqhathani­sa nalabo abafunde ezikoleni zabamnyama wathi leli gebe alibe lisavaleka kuze kuphele iminyaka engu-12 yokufunda.

Ugqugquzel­e ukuthi kufundelwe abafundi nezingane izincwadi wancoma nothisha bokufika ukuthi bayawazi umsebenzi wabo.

UMnuz Basil Manuel, isikhulu seNaptosa sikhale kakhulu ngokuthi kunenkinga kwiMaths njengoba abafundi beyifeyila.

Uthe izinga lokuphasa lesi sifundo liphansi wathi noma bedlulela kwamanye amabanga aphezulu isimo siba sibi kakhulu.

UNksz Thirona Moodley, isikhulu sale nyunyana kulesi sifundazwe, uxwayise othisha ukuthi bangabacwa­si abafundi noma bafake imizwa yabo uma befundisa.

Ukhulume ngesehlaka­lo sikathisha osulile waseWestvi­lle Girls High, osolwa ngokubiza abafundi abamnyama ngegama lokubacwas­a eliqala ngo-K.

 ?? Isithombe:ZANELE ZULU ?? UNGOTI wezemfundo uSolwazi Jonathan Jansen ogxeke uhulumeni ngokuthi akanandaba nemfundo yezingane
Isithombe:ZANELE ZULU UNGOTI wezemfundo uSolwazi Jonathan Jansen ogxeke uhulumeni ngokuthi akanandaba nemfundo yezingane
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa