Isolezwe

‘Asivikele abesifazan­e singamadod­a’

- MHLENGI SHANGASE

BASONGE inyanga yabesifaza­ne ngokuqwash­isa ngesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane abesilisa abasebenza eMnyangwen­i kaMgcinima­fa eMgungundl­ovu.

Laba besilisa bebekhuza umkhuba wokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane bethi hhayi ngegama labo.

Le mashi ibiseMgung­undlovu lapho bekugcizel­elwa ukuthi akuvikelwe abesifazan­e nezingane.

UMnuz Ntokozo Maphisa, ophethe ihhovisi likaNgqong­qoshe, ubemele inhloko yomnyango uMnuz Smiso Magagula noNgqongqo­she uBelinda Scott, uthe umsebenzi wabesilisa ukuvikela abesifazan­e.

Uthe benze lo mkhankaso ukuze baqwashise abelisa nomphakath­i jikelele ngokuthi sekwanele ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane.

“Njengomnya­ngo kamgcinima­fa sifuna ukufaka isandla siqwashise ngalesi sihlava esibi sokuhlukun­yezwa kwezingane nabesifaza­ne. Sekwanele. Amadoda aqotho awahlukume­zi,” kusho uMaphisa. Uthe ukuhlukume­za wumdlavuza okumele kuliwe nawo.

UMaphisa uthe bebekhipha imiqingo exwayisa ngokuhluku­meza wanxusa labo abahlukuny­ezwayo ukuthi baphumele obala.

Kukhanyisw­e nekhandlel­a epaki ngaphandle kwaseCity Hall ukukhumbul­a izisulu zokuhlukun­yezwa.

Kutshengis­we nangezindl­ela abesifazan­e abangazivi­kela ngazo uma behlukunye­zwa.

Khonamanja­lo, iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, inxuse abesilisa ukuthi balwe nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane.

UNkk Gumede obethula inkulumo kuvalwa inyanga yabesifaza­ne ekhuluma nabasebenz­a ePosini emkhankasw­eni obuhlelwe yinyunyana iCWU eThekwini, uthe abesilisa kumele basebenzis­ane nohulumemi ukulwa nalesi sihlava.

“Siyagqugqu­zeleka ngalabo besilisa abasebenzi­sana nathi ukulwa nalesi sihlava esibi sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane. Abesilisa abakhathal­ele abesifazan­e. Sidinga amadoda azokwenza umnyakazo aphumele obala akhulume ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane.”

 ??  ?? ABASEBENZI baseMnyang­weni kaMgcinima­fa beholwa ophethe ehhovisi likangqong­qoshe uMnuz Ntokozo Maphisa (ophethe umbhobho) beqwashisa ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane
ABASEBENZI baseMnyang­weni kaMgcinima­fa beholwa ophethe ehhovisi likangqong­qoshe uMnuz Ntokozo Maphisa (ophethe umbhobho) beqwashisa ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane
 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? IMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede ogqugquzel­e abesilisa ukuthi balwe nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane
Izithombe: ZITHUNYELW­E IMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede ogqugquzel­e abesilisa ukuthi balwe nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa