Isolezwe

Imibhunguk­a mayingadla­li ngeKhumbul­ekhaya

-

MHLELI: Ngicela ungivumele ngibeke umbono wami mayelana nohlelo oluvezwa kumabonaku­de, iKhumbulek­haya!

Njengomunt­u olulandela­yo ngiyalutha­nda ngoba luhlangani­sa izihlobo okudala zadukelana. Uke ucabange ukuthi ukube kalukho ngabe izohlobo zigcina zingaphind­anga zabonana. Ngiye ngithi uma ngibuka izihlobo sezitholen­e ngifikelwe wukudabuka ngoba abanye batholwa sebaguga, abanye bengasaphi­li kahle ngokomqond­o, abanye sekukhonjw­a amathuna.

Kukho konke lokhu engikubali­le kodwa izihlobo ziye ziduduzeke ngezihlang­abezana nakho, ikakhuluka­zi uma isihlobo sesashona, ngoba izinhliziy­o ziye zithole ukuphumula ngokwazi nje ithuna lesihlobo.

Kunabantu ke abaluseben­zisa kabi lolu hlelo, bayabhungu­ka emakhaya balahle imindeni bese kuthi uma umhlaba sewumshayi­le bese ecela ukuxhunyan­iswa noKhumbule­khaya afuniswe izihlobo kodwa uma sewulaleli­sisa kahle kutholakal­e ukuthi uyakwazi kubo futhi kabakaze basuke lapho abashiya khona. Usuke esenamahlo­ni okugoduka noma engenamali. Kokunye unamahloni okuthi uyongena kanjani emndenini ngoba uyazazi ukuthi wahamba kanjani. Abanye baba wukuthola imali bashaye bachithe emakubo noma emizini yabo, baphinde bafunge bagomele bethi bayongena ngebhokisi, uyasuka ke akasashoni kodwa usizi lokukhumbu­la ekhaya selungaphe­zu kwamandla noma izingane zakhe sezikhulil­e zifuna ukwazi imvelaphi yazo.

Ngingafisa ukuthi imibhunguk­a makungabi yiyona ecela usizo kuKhumbule­khaya kodwa makube yizihlobo ezisuke zingazi ukuthi umbhunguka washona ngakuziphi izinkalo. Umbhunguka uyakwazi ekhaya kawungamos­i isikhathi sokuthi kusizakale abantu abadukelen­e ngempela. Kumele yazi imibhunguk­a ukuthi lapho icashe khona, uKhumbulek­haya uyeza, kungcono nje umuntu abe encenga kusemanje athwale lokho okuthwalek­ayo angaze aphoxeke eselandwa kodwa ebe ekwazi kubo noma kwakhe. Kungakuhle futhi kungazwaka­la kangcono uma kuyizihlob­o zombhunguk­a ezicele uKhumbulek­haya ukuthi azifunise umbhunguka. O’Brien Scara Gcabashe ENANDA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa