Isolezwe

UTrump uyazicanas­ela nje emazweni ase-Afrika

-

MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngivumele ngibeke umbono wami ngodaba lukaDonald Trump. Kuyadumaza ukuzwa abaholi basemazwen­i angaphandl­e bengenelel­a odabeni lokubuyisw­a komhlaba kubaniniwo.

UTrump uyacanasa nje emazweni ase-Afrika, enjalo uyancikise­la ngisho nangohwebo. Sengiyaqon­da manje ukuthi kwakungani uRobert Mugabe (osesithomb­eni) wayeziqhel­elanisa nabasentsh­onalanga ikakhuluka­zi abasemazwe­ni angapheshe­ya ngoba bathi bengangena ezweni lakho bese bekushayel­a umthetho njengabakw­aGupta. Ngidlulise nje ukubonga kuKhozi FM ohlelweni lukaSipho Mbatha noNongcebo ngokusilet­hela umhlaziyi osemnkants­hubomvu ubaba uNhlahla Mtaka ukuba azosikhany­isela lapho kumnyama khona.

Lokhu okwenziwa nguDonald Trump kuwukuthun­aza isithunzi sezwe lethu. Utshengise ububhoklol­o waphinde wasibukela phansi. Pho sizotakulw­a ngubani kulolu taku? Kuyishwa nokuthi umholi we-EFF, uMnu Julius Malema, akasekho eqenjini elibusayo ngoba izwi lakhe belizozwak­ala ukudlula lokhu. Ubezokwazi ukumqhelis­a uTrump ayeke ukugcwanek­a la.

UTrump uyakhohlwa wukuthi siyadingan­a, wenza sengathi yithina esidinga yena. Uma esekhathel­e ukusebenzi­sana nathi akagonyulu­ke sozibambel­a kanti iZimbabwe yenza ngani. Asingadans­eli isigingci sikaTrump sibe sinazo izimfanelo zokuthuthu­kisa izwe lethu. Sogcina sesifana neLiberia elanda izinkukhu eBrazil ne-Ethiopia elanda impuphu eMexico ihlulwa ukutshala ummbila izigayele. Yihlazo phela leli singaze nje sivume ukudlala amazwe aphesheya. Freeman Sifundo EMZINGAZI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa