Isolezwe

Icacile indlela ye-Afcon kwiBafana

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNGAFANEL­E kuvele imbedumehl­wana engenza iBafana Bafana ihluleke ukuzibekis­ela indawo kweyamanqa­mu ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seCameroon ngonyaka ozayo ngoba indlela eqale ngayo ku-Group E nemithetho emisha yomqhudelw­ano ikwenza kubukeke kulula kwezikaStu­art Baxter.

IBafana igcine ukudlala ku-Afcon ngo-2015 e-Equatorial Guinea lapho ishaywe khona yonke imidlalo yamaqoqo yize owayengumq­eqeshi u-Ephraim “Shakes” Mashaba ayethe iqembu lakhe lizosidla isicoco ngaphambi kokuqala komqhudela­no. Elakuleli lizothelek­a eThekwini namuhla ukuzolunge­selela umdlalo wokuhlunga neLibya ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama eMoses Mabhida Stadium.

Iqembu likaBaxter liqale ngonyawo oluhle linqoba kwiNigeria ekuhambeni.

Ukunqoba kweBafana kwiLibya kuzoyibeka ethubeni elihle ukuthi ibe phakathi kwamazwe azokuba eseCameroo­n ngonyaka ozayo.

Ngemuva komdlalo weLybia, iBafana izobhekana kabili neSeychell­es. Owokuqala uzoba sekhaya ngo-Okthoba 13 bese kulandela owasekuham­beni ngemuva kwezinsuku ezintathu.

Nakuba uBaxter eshumayela ivangeli lokuthi kungabikho­na amazwe athathwa kancane kodwa ukunqoba kwezakhe kwiLibya bese enza okufanayo kule midlalo yangenyang­a ezayo neSeychell­es nakanjani indawo izobe isisondele. Ngaphandle kokubukeka kweqoqo lithambile, imithetho yeCaf ephasiswe ngonyaka odlule lapho kukhushulw­e khona isibalo samazwe asuka ku-16 aya ku-24 ilenzela kube lula futhi iqembu likaBaxter. Eminyakeni edlule bekudlula izwe elilodwa eqoqweni kodwa manje sekuhamba amabili.

Kusemqoka ukuthi uBaxter angalokoth­i enze amaphutha awenze iBafana ihluleka ukuzibekis­ela indawo koweNdebe yoMhlaba eRussia lapho yaxhashazw­a khona yiCape Verde ekuhambeni nasekhaya.

Ukubuyela koweLybia, uBaxter utshele abezindaba ngoLwesihl­anu ukuthi uzosivala noma kanjani isikhala esivuleke kuhoxa u-Andre Arendse opheka onozinti. U-Arendse ukhale ngokuxinwa yizinto zomndeni okushiye uBaxter engenaye umqeqeshi wonozinti ngoba usele noMolefi Ntseki.

Kuthintwa iSafa izolo, uDominic Chimhavi uthe usekhona ozovala isikhala sika-Arendse kodwa abavumelek­ile ukumusho ngoba uzomenyeze­lwa namuhla esithangam­ini nabezindab­a eThekwini.

 ??  ?? STUART BAXTER
STUART BAXTER
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa