Isolezwe

U-Solinas uqinisa abalandeli idolo

- ZAKHELE XABA

PHEZU kokuba kuneqeqeba­na labalandel­i beKaizer Chiefs eseliqala ukumngabaz­a umqeqeshi omusha uGiovanni Solinas kodwa usamile ekutheni kukhulu okuzayo eNaturena.

USolinas usale ejabhile iChiefs ikhishwa yiSuperSpo­rt United kowandulel­a owamanqamu weMTN 8 eFNB Stadium. Amakhosi ahlulwe ngo 1-0 wegoli likaBradle­y Grobler owashaya amabili emlenzeni wokuqala eLucas Moripe Stadium. Okujabhise uSolinas wukuthi uyayazi ingcindezi akuyo nabadlali yokuletha indebe kwiChiefs. Ubelokhu ekhala ngesikhath­i sokufundis­a abadlali indlela afuna badlale ngayo nokuyinto abalandeli abangayizw­a kahle. USolinas bese ethembile ukuthi uzoyehlisa ingcindezi ngokuwina iMTN 8.

Emuva komdlalo uthe akulahlwa mbeleko ngakufelwa.

“Ngidumele ngomphumel­a womdlalo ngoba wonke umuntu kwiChiefs ubekubheke ngabomvu ukufinyele­la kowamanqam­u. Siyadinga ukufinyele­la kowamanqam­u. Siphunyukw­e yithuba lokuwina indebe.

“Kodwa kudingeka sibheke phambili. Yimpilo lena, yibhola leli. Ngisaqede inyanga nesigamu lapha, anginawo umlingo. Sidinga ukusebenza kanzima, sidinga isikhathi. Ngijabule ngabadlali, ngokwami leli qembu lingenza okungcono ngomuso. Ngiyakhole­lwa kulona. Ngiyasiqon­da isimo abakuso abalandeli, abajabulil­e ngemiphume­la. Nami ayingijabu­lisi le miphumela. Kodwa kufanele sihlabele phambili. Nginesiqin­iseko sokuthi ngokuhamba kwesikhath­i iqembu lizoyithol­a imiphumela. IKaizer Chiefs ehamba phambili iyeza, ayikabonak­ali,” kusho uSolinas. IChiefs iyoze ibuyele enkundleni ngoSe-pthemba 15 uma isivakashe­le iCape Town City emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKapa. Lokhu kungenxa yamasonto amabili emidlalo yamazwe yokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo. Leli khefu linikeza uSolinas ithuba lokuqala lokuqeqesh­a iqembu ngendlela afisa ngayo.

“Ikhefu le-FIFA liyithuba elihle lokunyusa ukuba qatha kwabadlali. Abadlali abafana noLebo Manyama kufanele basebenze kanzima ukuze bafinyelel­e lapho. Ngiyaphind­a futhi, ngiyakhole­lwa kuleli qembu. Yisikhathi esinzima kithina okwamanje kodwa ngiyakhole­lwa kubona (abadlali). Nginesiqin­iseko sokuthi ngokuhamba kwesikhath­i izoqala ukubonakal­a imiphumela,” kusho uSolinas. IChiefs ayikanqobi kwiligi emidlalwen­i emihlanu. Idlale kane ngokulinga­na, yashaywa kanye.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGIOVANNI Solinas (kwesokudla), onomdlali weChiefs, ukholwa wukuthi lizomsiza ikhefu leFifa lizomsiza alungise iqembu libe sesimeni esihle
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGIOVANNI Solinas (kwesokudla), onomdlali weChiefs, ukholwa wukuthi lizomsiza ikhefu leFifa lizomsiza alungise iqembu libe sesimeni esihle
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa