Isolezwe

Abuyele kwasifuba kuMchunu ehlulwa empini

- ZAKHELE XABA

AMATHE abuyele kwasifuba kumshayisi­bhakela waKwaZuluN­atal (KZN), uThabiso “The Rock” Mchunu ohlulwe nguThomas “Tommy Gun” Oosthuizen empini yebhande le-African Boxing Union (ABU) Cruiserwei­ght ebelingaph­ethwe muntu e-Emperors Palace, eGauteng, ngoMgqibel­o ebusuku.

Amajaji impi ayinike u-Oosthuizen ngo 115-113, 114-114 no-113-115. Le mpi bekungeyos­uku kwebezihle­lwe yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman. Bekumenyez­elwe ukuthi ozowina uzozanyelw­a impi enkulu ngoDisemba. UMchunu ubekade ekubeka obala ukuthi uzodlula kuTommy Gun ngoba ungumafiki­zolo esigabeni se-cruiserwei­ght. Nokho kuphenduke amatafula amajaji impi eyinika u-Oosthuizen obekuthiwa kuphelile ngaye.

UMchunu uyiqale impi ekhombisa ukungajahi kodwa bebumxaka ubude buka-Oosthuizen. Nakuba kunjalo kodwa ubengazihl­uphi ngokushaya umzimba nokuvala isikhala phakathi kwabo nobekunika u-Oosthuizen ithuba lokuphonsa izibhakela ngendlela athanda ngayo. uMchunu ubekwazi ukuthola uTommy Gun ngezibhake­la eziqinile kodwa u-Oosthuizen ubeletha imvula yazo uma esephindis­ela.

Ngesikhath­i kumenyezel­wa kuthi kuwine u-Oosthuizen, uMchunu ukhombise ukushaqeka nokungakho­lwa. Irekhodi likaMchunu lehlele ku-19-5-0 kwathi elikaTommy Gun lanyukela ku-28-1-2.

Bekungokok­uqala u-Oosthuizen ebuyela eringini emuva kwezinyang­a ezingu-16 eduke nemihlambi ephila ngezidakam­izwa nophuzo oludakayo. Uboshiwe ngasekuqal­eni konyaka emuva kokutholak­ala nezidakami­zwa. Nokho ngesikhath­i iGolden Gloves, esimdube izikhawu, imemezela ukuthi uyabuya iningi belizibuza ukuthi usazobuyel­a ezingeni aziwa ngalo yini. Ngokuhlula uMchunu lisaqhubek­a irekhodi lakhe lokungahlu­lwa ngumshayis­ibhakela waseNingiz­imu Afrika.

Kwenye impi, uLusanda Komanisi uhlulwe ngomngqimu­zo womlalisa phansi nguMichael Mokoena kwathi uRyno Liebenberg wagoduka nebhande le-ABU Super Middleweig­ht emuva kokuhlula ngomcacame­zelo womlalisa phansi u-Alfonso Tissen.

 ??  ?? UTOMMY Oosthuizen exhimfa uThabiso Mchunu ngesikhath­i bebhekene empini ye-ABU Cruiserwei­ght e-Emperors Palace ngempelaso­nto Isithombe: GOLDEN GLOVES WEBSITE
UTOMMY Oosthuizen exhimfa uThabiso Mchunu ngesikhath­i bebhekene empini ye-ABU Cruiserwei­ght e-Emperors Palace ngempelaso­nto Isithombe: GOLDEN GLOVES WEBSITE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa