Isolezwe

UKhozi FM luphenya ngoMdonso

- CHARLES KHUZWAYO

KUBONAKALA kusazoshub­a kuKhozi FM njengoba izikhulu zalo msakazo sezikusuku­mela ukwesula komsakazi walesi siteshi, uNonhlanhl­a “Mdonso” Ngcobo.

UMdonso ufake incwadi yokwesula emsebenzin­i ngoLwesith­athu olwedlule, ekhala ngengcinde­zi okuthiwa ubeyifakwa ngabantu angabadalu­langa. Uthe selokhu aqala ukwethula uSigiya Ngengoma noZimiphi “Zimdollar” Biyela ubelokhu esatshiswa futhi ebuzwa nokuthi waqashwa kanjani.

Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, uthe uMdonso useyingxen­ye yabasakazi boKhozi FM ngoba izikhulu zoKhozi ziyichithi­le incwadi yakhe yokwesula. “Zithe zisafuna ukuphenya izizathu ezimenze wathatha lesi sinqumo,” kusho uMomudu.

UMdonso wenqabile ukuphawula wathi usekhuluny­elwa nguMu Ngcolosi oke wasebenzel­a uKhozi.

UNgcolosi uthe okwamanje uMdonso unxuswe ukuba aphumule kuze kufika lapho iSABC iphothula khona uphenyo lwayo ngalolu daba.

“Ukwesula kusuke kuyisiphak­amiso osuke usenza kubaphathi bakho, kusuke kukumqashi wakho ukuthi uyasemukel­a leso siphakamis­o sakho noma qha. Uma engasemuke­li usuke esafuna ukuphenya kahle izizathu zokwesula kwakho. Nakulolu daba sithe uMdonso akathi ukuphumula size sizwe ngeSABC ukuthi sekulungil­e yini,” kuchaza uNgcolosi. NgoMgqibel­o uMdonso ubengekho ohlelweni, uZimdollar ubesakaza yedwa. Omunye umthombo ongaphakat­hi kuKhozi FM uveze ukuthi abaphathi sebeluqali­le uphenyo ngaphakath­i.

“Njengamany­e bakhuluma naye uMdonso ukuze achaze kabanzi ukuthi ngobani ebebemfaka ingcindezi. Kuyacaca ukuthi abaphathi bazoqhubek­a nophenyo lwabo nakubasaka­zi nesikhulu salo msakazo esithintek­ayo.”

UMdonso wakuveza ukuthi ubesekhath­ele ukusatshis­wa ngabantu abathize bemphoqa ukuthi esule kulo msakazo futhi sekunemoto engaqondak­ali ebisilokhu imlandela nanoma yikuphi lapho eya khona. Kunomthomb­o ongaphakat­hi kuKhozi othe kusolwa nabasakazi abathize futhi ababambise­ne nesinye isikhulu ekufakelen­i uMdonso ingcindezi yokuthi ahoshe imfe kuSigiya Ngengoma.

 ?? Isithombe: UKHOZI ?? UNONHLANHL­A ‘Mdonso’ Ngcobo osahlabe ikhefu ngemuva kokwesula kuKhozi ngeledlule
Isithombe: UKHOZI UNONHLANHL­A ‘Mdonso’ Ngcobo osahlabe ikhefu ngemuva kokwesula kuKhozi ngeledlule
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa