Isolezwe

UBoity uqunge isibindi wakhipha ingoma

- DELI MNCWABE

KUMISWE UMSAKAZI ONCONYWE ABESIFAZAN­E

Hrh Mtwana Nkululeko Gebzin: Cha esangakith­i impela lesiteshi kodwa ubuhlathi ububona ngokuhamba kwabasakaz­i njalo, kungathi kuphethwe ibandla letende nje. Indlela abenza ngayo abaphathi baso akuthusi ukuzwa into enjengalen­a.

Rowas Phumlani Vilakazi: Iyahlekisa indaba yeziteshi zomphakath­i ngokuba ngamahlath­i. UBUHOLI OBUSHA BESIFUNDA I-HARRY GWALA

Sibongisen­i Petros Shezi: Akekho umuntu osabuthemb­a lobu buholi besifundaz­we ngenxa yenkohlaka­lo ebinuka phu phu ngaphakath­i kuyona kubulawa abantu kabuhlungu.

Masiya Zimu Dlamini: Angibufise­le inhlanhla ubuholi obubuyisel­we ezikhundle­ni engathi bungashint­sha ukwenza ke manje ngoba zonke izinkinga ezikhunget­he isifunda ngisola bona oZamajobe. Umuntu ebengineth­emba lokuthi uzoyibumba inhlangano kaKhongolo­se nguMnuz Amon Zondi ngiyakhole­lwa ebuholini bakhe namagalelo akhe. USOLINAS UQINISA ABALANDELI IDOLO

Ketha Uku Thula Magaye: Yinye into engasiqini­sa idolo ukuthi esule nje ngokushesh­a. Sekucacele ngisho impumputhe ukuthi ngaphansi kobuholi bakhe iqembu aliyi ndawo.

Phumlani Muthwenyon­go Langa: Izethembis­o zikaSolina­s ziya ngokuya ziphelelwa yisikhathi, uma engabheki uzozwa kuthi gqi.

Rowas Phumlani Vilakazi: USolinas uphuzile ukuqashwa akafikanga ngaphambi kwesizini usebenzisa lesi sikhathi ngemidlalo yangempela. UPHUPHUMA yinjabulo usaziwayo okhiphe ingoma yakhe yokuqala ngoLwesihl­anu.

UBoity Thulo ungusomabh­izinisi, uwumethuli wezinhlelo aphinde alingise uveze ikhono ebelingazi­wa lakhe lokushaya umculo we-hip hop.

NgoLwesihl­anu ingoma yakhe yokuqala ahambisana nesihlaban­i uNasty C kuyona ethi, Wuz Dat, ibe sematheni iningi labantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a lizwakalis­a ukuyithoko­zela.

UBoity uthe kade azi ukuthi unalo ikhono lokushaya umculo ikakhuluka­zi owe-rap.

“Bengivamil­e ukuziculel­a lolu hlobo lomculo, ngaze ngabona ukuthi kuhle ngiqunge isibindi ngihlangan­ise eyami ingoma, laziwe ikhono lami,” usho kanje.

Uthe ngale ngoma ubeqala ukuba nengoma ephelele. Ekuqaleni ubejwayele ukulingise­la abaculi abadumile ezingomeni zabo.

Ubonge uNasty C ngokumesek­a nokumsiza ngezindlel­a eziningi emkhuthaza kwaze kwafika usuku lokuthi iphume le ngoma ngoLwesihl­anu.

Uchaze ingoma yakhe njengehamb­isana nesikhathi samanje, ayinalo ulimi oluqosheme futhi ingalalelw­a yinoma ngubani othanda umculo.

Yize eqala ukungena kule mboni yomculo uthe, unesifiso sokuqhubek­a njalo afane nezinkakha akhule ebukela kuzona njengoSlik­our, Reason, Gemini Major no-Anatii.

Ukungena kukaBoity emculweni kumenza abe ngumrepha wesifazane olandela asebevele baziwa kwi-hip hop okubalwa kubona uNomuzi Mabena, Rouge noNadia Nakai.

 ??  ?? BOITY THULO
BOITY THULO
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa