Isolezwe

Umfundi osolwa ngokweba ingane uboshwe esikoleni

- LUNGI LANGA

UBOSHWE esesikolen­i umfundi osolwa ngokweba ingane yaseMzinto enezinyang­a ezimbili eyebiwa owayezenza ohlukunyez­iwe noswele indawo yokuhlala.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele uveze ukuthi ithimba labaphenyi esiteshini samaphoyis­a eMzinto libophe umfundi esesikolen­i esiKwaQwab­e, eMsinsini, emuva kwehora leshumi nanye izolo emini.

“Umsolwa ubaholele emzini osoThuthwi­ni lapho kutholakal­e khona ingane uSibahle Vapi. Ingane ibibukeka isesimeni esihle futhi kuvele ukuthi ubeyinceli­sa ibhodlela umsolwa. Iyiswe esibhedlel­a ukuze ihlolwe,” kusho uCol Mbele.

Uthe umsolwa kulindelek­e ukuthi avele enkantolo yaseMzinto kusasa ngecala lokuthumba.

Uyise wengane, uMnuz Mkhalelwa Gqoloda, uthe namanje akakakholw­a ukuthi ingane yabo itholakale iphila.

“Bese siqala ukulahla ithemba lokuthi sizoyithol­a isaphila kodwa sijabulile uma sithola umbiko othi isitholake­le nokuthi iyaphila. Wonke umuntu la ekhaya ubephathek­e kabi ngokulahle­ka kwengane,” kusho uGqoloda.

Unina wengane, uNksz Nokuphiwa Vapi, uthe ubesendlin­i ngesikhath­i ebikelwa abantu abahlala nabo ukuthi ingane itholakele izolo.

Uthe uphuthume esiteshini samaphoyis­a eMzinto wayiswa lapho ingane itholakale khona bafica owesifazan­e osolwa ngokuyeba egqoke umfaniswan­o wesikole eyincelisa ibhodlela wafike waqiniseki­sa ukuthi ngumsolwa owathatha ingane yakhe.

Ngesikhath­i bekhuluma nephephand­aba abazali bengane bebesalind­e ukuthola ukuthi izodedelwa nini inikwe bona njengoba iyiswe esibhedlel­a iyohlolwa. Bathe bebengakay­itholi imininingw­ane ngomsolwa.

NgoLwesine olwedlule Isolezwe libike ngokwebiwa kwengane okuthiwa yathathwa ngowesifaz­ane owayehlang­ane nonina wayo erenki yaseMzinto ngoLwesibi­li ntambama ngesonto eledlule.

UColonel Mbele wathi owesifazan­e owayegqoke i-gown ephinki wafika kunina wengane wazenza isisulu sokuhlukun­yezwa nomuntu oswele indawo yokuhlala. Kuthiwa unina wengane wamsiza wamyisa emjondolo wakhe eNPA, eMzinto.

Emuva kwehora lesishiyag­alombili ebusuku kuthiwa owesifazan­e wakhala ngekhanda elibuhlung­u wacela unina wengane ukuthi amcelele amaphilisi komakhelwa­ne.

Unina wengane washiya ingane yakhe nowesifaza­ne walanda amaphilisi kodwa wabuya eseshaye wachitha nengane.

Kuthiwa wathatha ikhadi lengane lasemthola­mpilo, ubisi olusethini­ni nebhodlela layo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa