Isolezwe

Kulimale 20 engozini ehlanganis­a itekisi ebithwele abafundi

- NONTUTHUKO NGUBANE

KULIMALE abantu abawu-20 ngesikhath­i itekisi ebithwele abafundi ishayisana nezimoto ezimbili ezincane neloli eMkhomazi izolo.

Abafundi bezikole ezehlukene kuthiwa balimale kanzima engozini eyenzeke ekuseni emgwaqweni u-R197.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo bakwa-ER24, uMnuz Russel Meiring, uthe kube yinhlanhla ukuthi kungashoni muntu.

“Abezimo eziphuthum­ayo bakwa-ER24 bafike bathola izimoto ezimbili endaweni yengozi. Abantu abahlukene bebehlezi ngaphakath­i ezimotweni abanye behamba ngaphandle. Sithe uma sihlolisis­a sathola ukuthi umuntu oyedwa uvalelekil­e ngaphakath­i emotweni ebithwele abafundi kodwa wagcina etakuliwe. Sithole ukuthi bawu-20 abantu abalimele. Abaningi abalimele bekuyizing­ane eziphakath­i kweminyaka eyisihlanu newu-15,” kusho uMeiring.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokushayel­a budedengu.

“Itekisi ebelithwel­e abafundi lishayisen­e nezimoto ezincane ezimbili neloli engozini eyenzeke ekuseni. Amaphoyisa aseMkhomaz­i avule icala lokushayel­a budedengu. Akekho oboshiwe kodwa uphenyo lwamaphoyi­sa luyaqhubek­a.”

Khonamanja­lo, amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenh­loso ngemuva kwengozi edlule nemiphefum­ulo emibili ngesikhath­i kushayisan­a izimoto ezimbili eMtubatuba izolo ekuseni.

Kuyasolaka­la ukuthi umshayeli weToyota Corolla bekumele ame emgwaqweni kwaMsane kodwa wangama wabe eseshayisa­na neLand Rover.

Abantu ababili bafele endaweni yesehlakal­o. Izidumbu zabo ziyiswe emakhazeni kahulumeni eMtubatuba. Amaphoyisa akwaMsane aphenya icala lokubulala ngokungenh­loso.

 ?? Isithombe: ER24 ?? ITEKISI ebikade ithwele abafundi ngesikhath­i iba nengozi eMkhomazi izolo
Isithombe: ER24 ITEKISI ebikade ithwele abafundi ngesikhath­i iba nengozi eMkhomazi izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa