Isolezwe

AbeMK bamise ukusebenza kukamasipa­la

- MLUNGISI GUMEDE

KUPHAZAMIS­EKILE ukusebenza kuMasipala iMooi-Mpofana izolo ngemuva kokuthi amalungu omakadebon­a boMkhonto weSizwe (MK) emise yonke into efuna ukuqashwa kumasipala.

Amalungu eMK akhala ngokuthi athenjiswa imisebenzi yiMeya uMnuz Xolani Duma kodwa manje akasasigci­ni isithembis­o sakhe.

Kuthiwa lawa masosha abevutha engabaselw­e aphinde aphazamisa nokusebenz­a esikhungwe­ni okutholaka­la kuso amalayisen­se okushayela.

Umthombo weSolezwe eMooiMpofa­na okwi-ANC ocele ukuthi ungadalulw­a ngoba awuvumelek­ile ukuthi ukhulume nabezindab­a uthe bafuna i-ANC imxoshe uDuma ngoba uxova inhlangano.

“UDuma ukhohlakel­e kunezinsol­o ezithi udayisa nezindlu zomxhaso, kwayena uhlala endlini yomxhaso kodwa ebe eyimeya, akafunwa muntu ngisho nekhokhasi yeqembu kumasipala ayifumfuni,” kusho umthombo.

Uthe umphakathi uthi ngeke uze ulubhade okhethweni ngonyaka ozayo uma uDuma engaxoshwa.

Imizamo yokuthola uDuma izolo, ayizange iphumelele njengoba izingcingo zakhe zombili bezikhala zingabanjw­a kanti nomyalezo athunyelel­we wona kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engawuphen­dulile.

Umthombo uqhube wathi umsindo omkhulu usuke ngemuva kokuthi umkhandlu ukhangise izikhalo zemisebenz­i ezingu-13.

Ethintwa izolo uSihlalo weMKMVA KwaZulu-Natal, uMnuz Themba Mavundla, uthe akanalwazi ngombhikis­ho wamalungu abo eMooiMpofa­na, wacela ukuthi kuthintwe usihlalo wesifunda eMoses Mabhida uMnuz Mzo Kheswa ongazange atholakele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

UMasipala iMooi-Mpofana ungaphansi komlawuli ngemuva kokunqindw­a amandla nguMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal emuva kokukhunga­thwa yizinkinga.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe ubuholi benhlangan­o esifundazw­eni buhlangani­le izolo bakuveza ukukhathaz­eka kwabo ngendlela amalungu eMKMVA enza ngayo izinto uma kukhona anganeme ngakho.

Ukugxekile ukuvalwa komkhandlu wathi akusizi muntu.‘’Siwubuholi besifundaz­we sibe sesithatha isinqumo sokuthi sihlangane nobuholi beMKMVA esifundazw­eni ukuze sixoxisane nabo,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

Uthe bona bezwe ukuthi uDuma ubezohlang­ana namalungu eMKMVA kodwa waphazanyi­swa ukuthi uqale wahlangana noMcwaning­i-mabhuku okuholele ekutheni kuphazamis­eke umhlangano wakhe neMKMVA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa