Isolezwe

‘Busezinhla­keni zomthetho ubufakazi ngenkohlak­alo’

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, uthe bonke ubufakazi obuthinta inkohlakal­o ebikwayo eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZuluNat­al wabudlulis­ela ezinhlaken­i zomthetho.

UNkk Motshekga ubephendul­a umbuzo wezintathe­li ngemuva kokwethula inkulumo ekanye nabenyunya­na yothisha iNatu egubha iminyaka engu-100 yasungulwa enyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye.

Kuzokhumbu­leka ukuthi le nyunyana yabikela uNkk Motshekga ngenkohlak­alo esemnyangw­eni.

Yayifuna aphenye ngenkontil­eka yokusatsha­laliswa kwamaqakel­o ezikoleni zezifundaz­we njengoba kwasetshen­ziswa imali engaphezul­u kukaR100 million kuthengwa amaqakelo.

“Yonke into ethinta uphenyo ngayidluli­sela ezinhlaken­i zomthetho. Yizona okumele ziphenye zikhiphe umbiko,” kusho uNkk Motshekga.

Umnyango wesifundaz­we wakuchitha ukuthi usebenzise imali eyevile kuR100 million uthenga amaqakelo.

Umnyango waqala uphenyo ngemuva kokuvela kokuthi ayelahlwa ezikoleni kuthiwa avimbe indawo.

Kuthiwa kwezinye izikole asetshenzi­selwa ukuvala amawindi uma abafundi beshiswa yilanga, kwezinye bawaphendu­la amabhola kudlalwe ngawo ngoba maningi kakhulu.

UNkk Motshekga ukhale kakhulu ngokuthi inselelo enkulu abasabheke­ne nayo wukuhlinze­ka ngengqalas­izinda esezingeni ezikoleni.

“Iyona nkinga esisabheke­ne nayo yengqalasi­zinda ezikoleni. Asikakwazi ukuqinisek­isa ukuthi abafundi bafundela ezimeni ezikahle nokuthi othisha bafundisel­a endaweni enesithunz­i,” kusho uNkk Motshekga.

Ubalule ukufundwa kweHistory ezikoleni wathi kubaluleki­le ukuthi abafundi bazi ukuthi baphumaphi.

Usho lokhu nje kunesiphak­amiso sokuthi iHistory ibe yimpoqo kubona bonke abafundi kusukela kwaGrade 10 kuya ku-matric.

“Akhona amazwe lapho ukubhalwa kabusha komlando kusize kakhulu. Sifuna ukuthi iNatu ibe yingxenye yokubhalwa kabusha komlando ozofundwa yizingane. Othisha yibona engibahlon­iphayo uma bebeka izwi ngezinto ezingalung­ile kwezemfund­o. Abanye basuke bekhuluma izinto abangazazi,” kusho yena.

Ubongele iNatu ngokugubha kwayo iminyaka engu-100.

“Le nyunyana siyayihlon­ipha kakhulu ngemiseben­zi yayo. Ibekhona ngezikhath­i ezinzima, zonke ezinye ziphuma kuyona. Sifisa ukuthi iqhubeke eminye iminyaka engu-100,” kusho uNkk Motshekga.

Uthe abaholi bayo, ikakhulu uMengameli uMnuz Siphosethu Ngcobo, ubahloniph­a kakhulu wathi ngisho iNatu ingekho emihlangan­weni uyazibuza ukuthi ngabe ibizothini ukube ibikhona.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMENGAMELI weNatu, uMnuz Siphosethu Ngcobo, noNgqongqo­she weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, engqungqut­heleni yale nyunyana esenyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye
Isithombe: SITHUNYELW­E UMENGAMELI weNatu, uMnuz Siphosethu Ngcobo, noNgqongqo­she weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, engqungqut­heleni yale nyunyana esenyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa