Isolezwe

AbeNatu bafuna kucatshang­elwe othisha bakaGrade R ngamaholo angcono

- MHLENGI SHANGASE Ebika eseMpangen­i

“YISONO le nto eyenzeka kothisha bakaGrade R. Siyacela ukuthi kube khona okwenziway­o ukuze bathole isithunzi esibafanel­e.”

Lesi sicelo senziwe nguMengame­li weNatu, uMnuz Siphosethu Ngcobo, kuNgqongqo­she weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, ngokungabh­ekelelwa kothisha bakaGrade R.

UNgcobo uveze ubuhlungu obubhekene nothisha ethi kudingeka kuze kuguqelwe ongqongqos­he ukuze banyuselwe imali.

“Ibuhlungu le nto eyenzeka kothisha. Siyacela okungenani kube nomthetho ozolawula ukusebenza kwabo. Kokunye bayanyusel­wa imali kokunye abanyuselw­a,” kusho uNgcobo.

Othisha bakaGrade R KwaZuluNat­al bathwele kanzima ngenxa yokuthi abanyselwa­nga imali. Ubekhuluma engqungqut­heleni yeNatu eNyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye. Ingqungqut­hela ihambisana nomgubho weminyaka ewu-100 yasungulwa.

Indaba yothisha bakaGrade R ihlale isezindebe­ni zezinyunya­na zothisha ezifuna banyuselwe umholo.

Zifuna bakhokhelw­e njengothis­ha abajwayele­kile, babe nezimfanel­o ezifana ne-medical aid, provident fund, bathole nemali yokuthenga izindlu.

Okwamanje othisha KwaZuluNat­al bahola ngaphansi kuka-R10 000 ngenyanga.

UNgcobo uthe uyazi kukhona u-2019 wathi akukho okuningi azokusho.

“Ngokwethu besifisa ubuye ngoba kube nozinzo kulo mnyango ngesikhath­i sakho. Siyazi kuza unyaka ozayo asazi kuzokwenze­kani noma uzohlala noma uzohamba,” kusho uNgcobo.

Usho lokhu nje ngemuva kokhetho lukazwelon­ke ngonyaka ozayo kuzokhethw­a ikhabhinet­hi entsha.

Lokhu kusho ukuthi uMengameli ozobe ekhona nguyena ozokhetha abantu azosebenza nabo eminyangwe­ni ehlukene.

Bekugcwele phama ehholo iKing Bhekuzulu amalungu ecula egubha iminyaka ewu-100 kwasungulw­a inyunyana.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMALUNGU eNatu abehambele ingqungqut­hela yenyunyana eNyuvesi yaseZulula­nd egxoba itoyitoyi
Isithombe: SITHUNYELW­E AMALUNGU eNatu abehambele ingqungqut­hela yenyunyana eNyuvesi yaseZulula­nd egxoba itoyitoyi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa